INGASE yehle intengo kaphethroli nodizili ngenyanga ezayo ngemuva kokukhuphuka ekuqaleni kwale nyanga.
Imininingwane ekhishwe yiCentral Energy Fund iveza ukuthi udizili ubukeka uzokwehla ngemali elinganiselwa ku-15 cents futhi ungase wehle kakhulu kunalokhu uma kubhekwa.
Kuphethroli kuvela ukuthi ungase wehle ngesenti i-93 Unleaded bese kuthi i-95 Unleaded yona yehle ngo-3 cents.
Uma isimo siba ngcono njengoba kwenzeka kulezi zinsuku ezedlule, intengo kaphethroli ingase yehle kakhulu.
Intengo kawoyela yehlile kancane ekuqaleni kuka-Agasti, ngokusho kwe-Automobile Assiciation ngemuva kwesimemezelo se-Organization of Petroleum Exporting Countries (OPEC) sokuthi izonyusa umkhiqizo ngemiphongolo engu-400 000 ngosuku. NeRandi libukeka linganyakazi kakhulu kule nyanga.
"Uwoyela wehlile ngesonto lokuqala kuka-Agasti. Uma lokho kuqhubeka kunethuba lokuthi yonke inhlobo kaphethroli nodizili yehle ekupheleni kwenyanga. Lokhu kungehlisa umthwalo ngemuva kokunyuka kanzima ngenyanga edlule," kusho i-AA.
Ixwayise ngokuthi iRandi libuthaka nokungase kube nomthelela entengweni kaphethroli nodizili kusuka manje kuya ekupheleni kwenyanga.
Ekuqaleni kwenyanga intengo kaphethroli ikhuphuke ngo-91 cents ilitha kwathi udizili wona wakhuphuka ngo-55 cents. Lokhu kusho ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakhokha uR17.58 ilitha ezindaweni ezigudle ulwandle bese kuthi maphakathi nezwe libe nguR18.30 lapho u-93 Unleaded wona ungu-R18.11 ilitha.