BANGASE bangene bagamanxe emaphaketheni abashayeli ngoNovemba njengoba imininingwane yeCentral Energy Fund iveza ukuthi kungenzeka inyuke intengo kaphethroli nodizili.
Kuvela ukuthi intengo kaphethroli ingase inyuke ngemali elinganiselwa kuR1 ilitha kuthi udizili kube elinganiselwa kuR1.40.
Lokhu akukaqinisekiswa ngoba kuthathwe kulwazi olungakacwaningwa kahle futhi kusengenzeka kushintshe.
Uma kugcina kuqinisekiswa, kuzobe kusho ukuthi ilitha likaphethroli we-95 unleaded lizobiza uR18.60 ezindaweni ezigudle ulwandle kuthi kwezimaphakathi nezwe libe ngu-R19.33. U-93 unleaded wona uzobiza imali elinganiselwa kuR19.10.
Uma intengo kadizili inyuka ngoR1.40 kuzokwenza ilitha libize imali elinganiselwa kuR16.55 ezindaweni ezigudle ulwandle kuthi maphakathi nezwe kube elinganiselwa kuR17.15.
Lokhu kuqagela kokunyuka kwentengo kungenxa yokunyuka yentengo kawoyela yamazwe omhlaba.
Uma intengo ingehli kusazoba nzima kubantu bakuleli njengoba kuthinta nentengo yokudla nokunye okudinga ukuthuthuwa.