IMOTO: FORD RANGER RAPTOR
NGEMUVA kwezinyanga ezintathu iFord iveze iRanger entsha engakaqali ukudayisa eNingizimu Afrika, ngoLwesibili ekuseni kwethulwe iRanger Raptor.
IRanger Raptor yingalabesi yeveni eseligabe ngenjini enamandla okuyothi uma lethulwa eNingizimu Afrika, njengoba kungaqakinisekiswa, kube yilona veni elinamandla okuwedlula wonke asemakethe yakuleli.
Inenjini engu-3.0 litre twin-turbo EcoBoost V6 enamandla angu-292kW netorque engu-583Nm.
Inogearbox oyi-10 speed ozishintshayo. Njengamanje iRanger Raptor ekhona inenjini engu-2.0 Bi-Turbo efuqa 157kW netorque engu-500Nm futhi le njini isazotholakala nakwentsha.
Injini engu-3.0 litre igabe nangokuduma okwazi ukukunciphisa uma ungazwani nomsindo.
Ifika namadrive modes ayisikhombisa ayenza ihambe noma yikuphi. Kukhona noBaja Mode ongawufanisa no “sport” wasobhuqwini futhi lapho izinqawe zisuke sezibhavumulela phezulu.
Okunye okulekelela ukuthi ihambe noma yikuphi yisuspension ethuthukisiwe, idonsa ngawo womane amasondo zikhathi zonke futhi inediff lock abayifake ngaphambili nangemuva. Injalo nje inama shocks amasha akwaFox futhi ngaphansi inamakhava enza ukuthi imoto ingalimali.
Uma uthanda usebenzisa iTrail Control esebenza ogwadule neyenza ukuthi izihambele ngejubane elingaphansi kuka-32km/h bese kuthi umsebenzi womshayeli kube wukujikisa isiteringi kuphela kwazise isuke isizihambela yona iphinde ibhreke uma kunesidingo
IRanger Raptor ihamba ngamasondo anamarimu angu-17 inch, inama LED headligths namadaytime running lights, amaLED lights ngemuva netowbar.
Ngaphakathi inetouchscreen infotainment system engu-12 inch okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Inezipikha zeBang & Olufsen kanjalo nedigital cluster engu-12.4 inch.
Imininingwane ngokuthi izothulwa nini eNingizimu Afrika ayikaqinisekiswa.