I-AUTOMOBILE Association (AA) iphonsele inselelo uhulumeni ngokuthi kumele ukhiphe imininingwane ephelele ngomthetho okumele uqale kusasa ukusebenza i-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences (Aarto).
Ngakolunye uhlangothi iOrganisation Undoing Tax Abuse (Outa) ithe uma lo mthetho uqala ukusebenza ngeke uphumelele.
Ngokwe-Aarto, abashayeli baqoqa amaphuzu uma bephula imithetho yomgwaqo futhi ngokuhamba kwesikhathi lokhu kungaholelwa ekutheni ilayisensi imiswe noma ihoxiswe.
"Ukwethulwa kwe-Aarto yinto enkulu kwabasebenzisa umgwaqo eNingizimu Afrika futhi iRTIA (Road Traffic Infringement Agency) noMnyango wezokuThutha kumele wenze okuthe xaxa ukwazisa umphakathi ngokwenzakayo. Kubalulekile ukuthi imininingwane ngohlelo olunomthelela omkhulu kwezokuthutha ezweni ikhulunywe kahle ukuze wonke umuntu ezokwazi ukuthi ume kuphi ngemithetho emisha," kusho i-AA.
I-AA ithe ngonyaka odlule yenza izethulo zokuthi i-Aarto ngeke inyuse amazinga okuphepha emgwaqeni kunalokho ngenye indlela yokuqoqela uhulumeni imali.
I-Outa ithe yize uNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula amemezela ukuthi i-Aarto izoqala ukusebenza ngoJulayi 1 kodwa ayikwazi ingakafakwa emqulwini kahulumeni nokuyinto engakenzeki.
Ithe icele ungqongqoshe ukuthi akumise ukuqalwa kayo ngenxa yokuthi ayakakulungeli ukuthi iqale nokuthi ifake icala eliphikisa ukuba semthethweni kwayo nelizolalelwa ngo-Okthoba eNkantolo eNkulu yasePitoli.
Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star, libike ukuthi abashayeli bamatekisi ngeke baze bawuhloniphe lo mthetho.
Okhulumela iNational Taxi Alliance uTheo Malele uthe umnyango uthule ngalo mthetho. Uthe abanikazi bamatekisi bengalahlekelwa ngamalayisensi abo uma abashayeli beqoqa amaphuzu emgwaqeni.
UMnyango wezokuThutha ukubungakaphawuli.