IMOTO: AUDI A3 Sportback
IMIBIKO evela phesheya ikhomba ukuthi kwa-Audi sebethathe isinqumo sokuqeda ngomncanyana i-A1 kanjalo neSUV encane iQ2.
Lokhu kusho ukuthi i-A3 iyona esizoba yisingeniso emndenini wale nkampani yaseJalimane.
I-A3 yimoto ebanga abathengi nezimoto okubalwa kuzo iBMW 1 Series, Mercedes-Benz A-Class nomzala wayo iVW Golf.
Kusuka yafika ngo-1998 i-A3 eNingizimu Afrika yamukelwa kahle kangangokuba kuthengwe angaphezu kuka-63 000.
Mina nje nginomlando ngayo ngoba kunomngani wami owayehamba ngayo inombolo yakhe nanamuhla ngisayigcine ngoVorsprung durch Technik, okuyitemu lakwa-Audi.
Ngonyaka odlule kutheleke ethuthukisiwe i-A3 sabe sesithola ithuba lokuyibonela eduze i-A3 Sportback.
Uma iqhamuka ngeke uyincishe amehlo ngenxa yombala wayo ogqamile uTurbo Blue.
Inegrille enkulu emnyama, amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva, izibuko ezimnyama, isunroof okhakhayini namarimu angu-18 inch. Ngaphandle ibukeka kahle nokuyinto eqhubeka nangaphakathi. Bayifake iS Line nokuyinto oyikhunjuswa uphawu olusesiteringini. Iqophelo liphezulu ngaphakathi, inezihlalo zesikhumba, indawo yokuphumuza ingalo phakathi nendawo eyisikhumba namapedals asiliva. Isikhala sokubeka impahla njengeziphuzo sikhona futhi imbijana yegiya nehandbrake eyinkinombho kwenza ivuleke ngaphambili.
Amabhathini awamaningi futhi wonke ayashesha ukujwayeleka ukuthi ngawani. Ngichazwa nayinkinombo yokunyusa noma ukwehlisa umsindo womsakazo okumele uhambise umunwe phezu kwawo sakuwayinda bese uyanyuka njalo umsindo. Izipikha zikhala kamnandi kwazise ineBang & Olufsen Premium Sound System.
Umsakazo lo uwulawula kwitouchscreen infotainment system. Ibuye iveze inkombandlela, uxhume iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Umshayeli ubhekana ne-Audi virtual cockpit Plus okwazi ukuyishintsha ukuthi ikukhombise ini.
Ingaphakathi yindawo ekahle evulekile. Ebhuthini isikhala singu-380 litres.
Le moto ihamba ngenjini engu-1.4 litre kaphethroli enamandla angu-110kW netorque engu-250Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-8 speed Tiptronic. Indlela ehamba ngayo ayibuphoxi ubuhle bayo ngoba inamandla anele. Kodwa uyazi ukuthi uma ufuna athe xaxa kumele ubheke enenjini engu-2.0 litre efuqa 140kW noma i-S3 yona ekhafula 213kW. Kulo nyaka silindele iRS 3.
Yize inasondo amakhulu kodwa ayizweli kangako emgwaqeni futhi iyabambelela.
Kuphethroli ibidla ngaphezu kunabakusho kubo kwayo ngoba ibidla amalitha angu-8.5 ngo-100km/h. Kubo bathi iphuza angu-6.2.
Ukuze ungayikwebhi, iyakusiza ukupaka, iyasho uma uphuma emzileni, nokunye.
Intengo:
Audi A3 Sportback 35 TFSI 110kW S line Tiptronic
R601 000