IMOTO: JEEP GLADIATOR RUBICON
ENINGIZIMU Afrika abantu bayawathanda amaveni kwazise ahlale ebalwa nezimoto ezidayisa kakhulu zinyanga zonke.
Okuhle ngawo wukuthi iningi lakhiwa khona kuleli nokuyinto efukula umnotho.
Akhona nokho alandwa ngaphandle njengeJeep Gladiator esanda kufika emakethe yakuleli.
Ihluke kakhulu kunawo wonke amaveni akhona ngenxa yokuthi iphinde ivuleke ukhakhayi, iphume izicabha nokuthi ilale i-windscreen.
Ukhakhayi ngaphambili kulula ukulivula nokuluvala ngoba awudingi zipanela kodwa uma usufuna ukulukhipha lonke yilapho uzidinga khona.
Yinto efanayo noma ufuna ukukhipha izicabha noma ukulalisa i-windscreen. Izipanela zokwenza lokhu ifika nazo futhi angiboni ukuthi zingalahleka kalula ngoba uzifihla ngaphansi kwezihlalo zangemuva lapho kukhona nesikhala sokubeka ezinye izinto.
Uma usilalisa isihlalo sangemuva ukwazi ukukhipha nesipikha udlale umculo ngeBluetooth nokuyinto emnandi uma nizipholele ningafuni futhi nokumosha ibhethri lemoto.
Yizo zonke izinto ezenza iGladiator ihluke kunamanye amaveni.
Yinde futhi iphakeme, igabade ilishiye ngo-249mm, nokuyenza uyiqiphele uma iqhamuka. Ikhanyisa ngamalambu ayiLED namarimu angu-17 inch.
Ngemuva kwamasondo angaphambili ngathi ungafaka amabheshu ngoba amasondo athela ukungcola ezinhlangothini.
Isikhenke sinekhava ekhiyekayo nokuyinto enhle ukufihla impahla futhi sinamalambu. Okunye okungichaza ngaso yinto abayifake kuso eyenza ukuthi ingakwebheki.
Ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba futhi ukuze abangaphambili bengagodolo, ziyakwazi ukufudumala kanjalo nesiteringi.
Inetouchscreen infotainment system egqame kahle eveza nekhamera uma uhlehla. Ngisa ngathi ibinamakhamera aveza umzimba wonke ukuze ubone kahle ikakhulukazi uma uhamba obhuqwini. Kusona lesi screen iyakuvezela imininingwane uma uhamba obhuqwini njengokuthi itshekele ngakuphi nokunye. Uphinde uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi izipikha zayo zikhala kamnandi. Iphinde ibe nedigital instrument cluster.
IGladiator ihamba ngenjini engu-3.6 litre V6 kaphethroli engenayo iturbo. Inamandla angu-209kW ne-torque engu-347Nm futhi isebenzisa u-gearbox oyi-8 speed ozishintshayo.
Ugearbox ngiwuzwe ushintsha kahle ngesikhathi esifanele. Inamashock absorber akwaFox ngakho amabhampi awuwezwa kakhulu yize izwakala ngathi iyatshikiza uma ingena kuwo.
Njengoba ingavalekile thaqa ngoba ukhakhayi nezicabha kuyaphuma, umsindo womoya mkhulu ngaphakathi.
Indawo yokuphumuza unyawo lwesokunxele ayikho kahle ikakhulukazi uma usuzihambela usuyifake ku-adaptive cruise control.
Ibidla amalitha kaphethroli angu-14.4 ethangini elingu-83 litres. Obhuqwini uhamba ngaphandle kovalo lokubhajwa. Ukuphakama kwayo kwenza ungasabi ukuthi izoshaya phansi, inediff lock ngaphambili nangemuva futhi idonsa ngawo womane amasondo uma usufuna.
Ayishibhile yona kodwa inabantu bayo abafuna iveni elihlukile futhi elingenankinga nakancane ukwenza umsebenzi uma kunesidingo.
Isikhulu sakwaStellantis South Africa, uLeslie Ramsoomar, sithe kuthi kufikwa isitokwe sithengwe.
Intengo:
R 1 259 900
Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emithathu noma u-100 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.