MERCEDES-EQ
IMERCEDES-BENZ ifeza isethembiso eyasenza ekuqaleni konyaka sokuthi izoletha izimoto ezihamba ngogesi, ngokwethula ezine umkanye.
Izimoto zejubane zale nkampani zibizwa ngama-AMG, ezikagesi zona zibizwa nge-EQ.
Ezifikile yi-EQA, EQB, EQC ne-EQS. Zisuselwe kwezikhona njengoba i-EQA isuselwe kwiGLA, i-EQB kwiGLB, EQC kwiGLC bese kuthi i-EQS yize ihlukile kodwa bathi yiS-Class yezimoto ezihamba ngogesi.
Isikhulu sakwaMercedes-Benz South Africa, uMark Raine, sithembise ukuthi singakawugojeli unyaka kuzolandela i-EQE. Kuyothi ngozayo balandelise nge-EQE SUV ne-EQS SUV.
Yize kubonakala sengathi iMercedes ilandela ngemuva njengoba izimbangi iBMW, Audi, Jaguar neVolvo sezazethula ezazo ezihamba ngogesi kodwa uRaine uthe bebefuna ukungena ngesikhathi esifanele futhi bangenise ngamandla.
Le nkampani ibambisene neGridCars ukushaja ezindaweni zomphakathi futhi abathengi bazothola neshaja yamahhala yeMercedes-EQ ezofakwa endaweni abayithandayo.
I-EQA 250, okuyiyo eyisingeniso kwiMercedes-EQ, inebhethri elingu-66.5kWh. Inamandla angu-140kW futhi bathi uma igcwele ikwazi ukuhamba ngo-429km. Ukuyishaja nge-alternating current (AC) noma ngeshaja enamandla angu-11kW kuyithatha amahora ayisithupha kanti nge-direct current (DC) enamandla angu-100kW kuthatha imizuzu engu-30.
Inamarimu angu-18 inch, amalambu eLED, MBUX infotainment system, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla nokunye.
EQB 350 4MATIC
I-EQB ivulekile, kukhona elayisha abagibeli abahlanu negibelisa abayisikhombisa. Isikhala sempahla sifinyelela ku-1 710 litres. Inebhethri elingu- 66.0kWh abathi uhamba u-423km uma ligcwele. Amandla ayo angu-215kW futhi indonsa ngawo wonke amasondo. Njenge-EQA, inamarimu angu-18 inch, amalambu eLED, MBUX infotainment system, nokunye.
EQC 400 4MATIC
I-EQC ibe ngeyokuqala ukwakhiwa kwaMercedes-EQ futhi kuleli ifika nge-EQC 400 4MATIC. Ibhethri layo lithe xaxa njengoba lingu-80 kWh. Lokhu kuyenza ikwazi ukuhamba ibanga elingu-437km uma ligcwele. Amandla ayo angu-300kW. Bathi ngaphakathi ithule futhi izinga liphezulu ngendlela eyakhiwe ngayo.
EQS
Le moto ifika ngezinhlobo ezimbili – kukhona i-EQS 450+ neMercedes-AMG EQS 53 4MATIC. Yizona futhi ezifika nebhethri elikhulu kunazo zonke njengoba lingu-107.8 kWh. I-EQS 405+ bathi ihamba ibanga elifika ku-782 km. Amandla akwi-450+ angu- 245kW futhi idonsa ngamasondo angemuva. I-EQS 53 ngakolunye uhlangothi yona inangu-484kW kanti idonsa ngawo womane amasondo. Isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu- 3.8. Zinenqwaba yobuchwepheshe obusiza umshayeli futhi izinga liphezulu ukuze umshayeli nabagibeli bezwe ubuntofontofo.
Intengo:
EQA 250 - R1 169 500
EQB 350 4MATIC - R1 374 500
EQC 400 4MATIC - R1 679 00
EQS 450+ - R2 615 700
EQS 53 4MATIC+ - R3 410 100
Ziphuma nePremiumDrive Maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili (engu-10 kwi-EQS).