IMERCEDES-BENZ ivula unyaka ngohlobo lwezimoto ezintsha ezinhlanu ezihamba ngogesi, eNingizimu Afrika.
Phakathi kohlobo lwezimoto ezizayo kubalwa lezi, yi-EQA SUV, EQB, EQC, EQE ne-EQS.
Isikhulu sakwaMercedes-Benz South Africa, uMark Raine sithi, yize sisincane isibalo sabathenga izimoto ezihamba ngogesi kuphela kuleli kodwa bazolandela okwenzeka emhlabeni ngokuba seqhulwini lokuqeda ngesisi esincolisa imvelo.
“INingizimu Afrika ihlangabezana nezingqinamba ngezimoto zikagesi kepha iqhinga lethu elithinta imakethe yakuleli, lenze baba baningi abantu abanentshisekelo ngama-EQ ethu. Le ntshisekelo isizwa nawukwanda kwezindawo zomphakathi zokushaja ezihlanganisa emigwaqweni emikhulu. Ngenxa yalokhu, sinethemba lokuthi izimoto esiziletha ezweni zizothola abanikazi abaningi abajabule,” kuchaza uRaine.
USihlalo webhodi labaphathi kwaDaimler AG, u-Ola Kallenius, uveze ukuthi bafuna kushaye u-2030 u-50% wezimoto ezincane abazidayisayo kube ngezingama plug-in hybrid noma ezihamba ngogesi kuphela.
URaine uthe ukholwa ukuthi zizokwanda izimoto zikanokusho zikagesi eNingizimu Afrika ezinyangeni ezingu-12 kuya ku-24 ezizayo.
Uthe iMercedes-Benz Cars uzobambisana neGrid Cars ukushaja ezindaweni zomphakathi futhi abathengi bazothola neshaja yeMercedes-EQ ezofakwa endaweni ayithandayo.
I-EQA isondele kakhulu kwiGLA futhi eNingizimu Afrika kuza i-EQA 250. Inamandla angu-140kW futhi ibhethri likwazi ukuhamba u-412km. Bathi idla u-17.7kWh/100km.
I-EQB ezayo yi-350 4MATIC edonsa ngawo wonke amasonto. Ukwazi ukuthola elayisha abagibeli abayisikhombisa. Idla ibhethri elingu-17.4kWh/100km, ihamba ibanga elingu-419km futhi inamandla angu-215kW.
Enye ezayo yi-EQC enamandla angu-300kW. BAthi uma igcwele ihamba u-437km futhi idla amandla angu-21.3kWh/100km.
Ezinye yi-EQE ne-EQS. I-EQE inezinto ezifana neze EQS kodwa insane. I-EQS bathi ikwzi ukuhamba ibanga elingu-780km fuhti inamandla angu-385kW. Eyokuqqala ezayo yi-EQS 450+ enamandla angu-245kW futhi edla amandla ebhethri angu-18.9kWh/100km.