IMENYEZELIWE intengo ezobiza intandokazi yemoto yaseNingizimu Afrika iGolf GTI ezoqala ukudayisa ngokusemthethweni ngoSepthemba 1.
IGolf GTI, ebuye iteketiswe ngokuthi yiVrr Pha, iyintandokazi kuleli kangangokuba iNingizimu Afrika ibalwa namanye amazwe ethengwa kakhulu khona ngaphandle kwawase-Europe.
Ifika nenjini engu-2.0 litre turbocharged kaphethroli enamandla angu-180kW, okungamandla enyuke ngo-11kW uma uyiqhathanisa nendala, netorque engu-370Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-7 speed dual clutch. Ukusuka 0 iye ku-100km/h bathi kuyithatha imizuzwana engu-6.4.
Ukuqala ukudayiswa kwale moto, okwabikezelwa ngayo kusuka ngonyaka odlule kuphazanyiswe ukungabi nesitokwe esanele ngenxa yokushoda kwama-semiconductor chips afakwa ezimotweni nokuyinto ethinte izinkampani eziningi, ngokusho kukaSteffen Knapp oyiHead of the Volkswagen Passenger Car Brand.
Umkhumbi olethe iGolf GTI kuleli ufike ngo-Ephreli kodwa yabekwa ukuze kuzoba nesitokwe esanele. USteffen uthe banaso manje nokuyingakho sebevulele nokuthi abantu bafake ama-oda ukuze bezoba ngabokuqala ukuyithola uma isidayiswa ngoSepthemba 1.
Ifika igqoke amarimu angu-18 inch alloy, isiteringi sesikhumba esikwazi ukufudumala, izihlalo zesikhumba, Composition Media RAdio, Cruise Control, Park Distance Control nokunye.
Imininingwane ephelele ngayo sizokuthulela yona maphakathi nenyanga ezayo ngemuva kokuyishayela.
Intengo:
Golf GTI 2.0 TSI 180kW DSG® R669 300
Iphuma neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.