IMOTO: TOYOTA GR86
Kunale nhlobo yabantu ethi uma izwa ngentengo yemoto bese ikutshela ukuthi ngaleyo mali ingathenga imoto ethile engancintisani nhlobo naleyo okusuke kukhulunywa ngayo.
Vele izimoto azishibhile nhlobo kodwa ngaphambi kokukhala ngentengo kubalulekile nokubhekisisa kahle ukuthi yakhelwe obani, yini efika nayo nokuthi izimbangi zayo zona zibiza kanjani.
IToyota GR86 ingenye yezimoto okumele uyibuke ubunjalo bayo ngaphambi kokujaha ukuvula umlomo.
Uma usayilabantu engababale ngenhla, khohlwa, ayakhelwe wena. Lena yimoto yabathanda ukushayela futhi bakujabulele.
Njengoba kuyimoto encane futhi emfishane, ukungena nokuphuma kuyo kuyinto engelula njengokushaya umdanso ivosho uma umude.
Uma usuphakathi nokho umgwaqo uba seduze nawo. Izihlalo zikubamba unganyakazi kanti kumele ukulindele ukuthi ngemuva isikhala asikho. Sisakhuluma ngesikhala, ibhuthi nayo incane ingu- futhi kukhona isondo eliyisipele elingu-18 inch njengawo womane ehamba ngawo.
Engikuthandayo ngaphakathi wukuthi awudingi sikhathi ukuze ubone izinto ngoba yonke into isobala futhi kulula nokufinyelela kuyo.
Ufica itouchscreen infotainment system engu-8 inch ekuvezela ingemuva uma uhlehla, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo ngezipikha eziyisithupha ezithuthukisiwe nokunye. Iphinde ibe nemulti-information display engu-7 inch, yizindawo ezimbili zokushaja nge-USB, dual-zone automatic climate control nezindawo zokubeka iziphuzo ngaphansi kwendawo yokuphumuza ingalo nasezicabheni.
Ukuciphiza ibhathini lokuyidumisa yiyona nto osuke ufuna ukuyenza uma usuhlale wakhululeka kwesomshayeli.
Injini ethathwe kwaSubaru isinkulu futhi inamandla athe xaxa kuneGT86 eza ngemuva kwayo. Isingu-2.4 litre engenayo iturbo kanti ingena esikhaleni sengu-2.0 litre eyayinamaandla angu-147kW.
Lena ifuqa angu-174kW netorque engu-250Nm. Ungabona ngathi mancane la mandla kodwa uma ususemgwaqeni uthi ujeqeza ijubane uzobona linyuka ngokushesha. Bheka ngoba ngemizuzwana engu-6.4 isuke isiwubambile u-100km/h.
Okuyenza uma ungumuntu othanda ukushayela nokujabulela imoto wukuthi inogearbox oyi-6 speed manual oshintsha kamnandi futhi othumela amandla emasondweni angemuva. Idonsa igiya ize iyogcina ku-7 000 rpm.
Uma ubheke ukuthi ibe ntofontofo khohlwa ngoba ithe ukuqinaqina.
Emakhoneni iwubukhosi ngoba ilinamathela kungabi ndaba zalutho nokusizwa yilimited-slip differential. Isiteringi sinesisinjwana futhi uyalizwa ikhala lingacucuzi liya lapho uyikhomba khona. Uma uzethemba ungaciphiza ibhathini lika track bese icisha itraction control idlale ngesinqa uma ubamba ikhona ngesivinini.
Ingijabulisile futhi nendlela amabhreki ayo asebenza ngayo ngoba abamba eduze. Amabhreki lawa akuyona kuphela into eqinisa ukuphepha kodwa iphinde isho uma kunemoto eseceleni nokuyinto ebe wusizo ngoba kunzima ukubona iblind spot.
Akuyona nhlobo imoto eshibhile kodwa kumnandi ukuyishayela. Cishe ezimotwenie ezidonsa ngamasondo angemuva yiyo eshibhile uma ubheka ukuthi iFord Mustang iqala ku- R1,117,500.
Intengo:
Toyota GR86 6MT – R733,500
Ifika neservice plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.