IMOTO: KIA PEGAS
IKIA ifuna ukuheha abanemindeni emincane noma abaqalayo ukuthenga izimoto ngePegas okuyi-sedan yayo entsa.
IPegas ishaya ngetiger nose grille yakwaKia, amarimu angu-14 inch nemibala emihlanu ongakhetha kuyo okukhona obomvu, omhlophe neminye.
Ngaphakathi bathi ivulekile ngenxa yokuthi iwheelbase yayo ingu-2 570 mm. Bathi izihlalo, eziyindwangu noma ezizishiya sasikhumba kwenye inhlobo, zintofontofo futhi isikhala ebhuthini singu-475 litres. Izinto enazo zihlanganisa i-7 inch touchscreen infotainment system eveza ikhamera ngemuva uma uhlehla, ikwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, Bluetooth, imbobo ye-USB namabhathini esiteringini. Izibuko emaceleni zihlelwa ngogesi kanjalo namawindi avulwa ngawo belu ugesi.
Ngaphansi kwebhonethi kukhona uhlobo olulodwa lwenjini engu-1.4 litre kaphethroli enamandla angu-69kW netorque engu-132Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-5 speed manual okanye umshini ozishintshayo oyi-4 speed.
Ngakwezokuphepha inama-airbag amabili ngaphambili, indawo yokufaka isihlalo sengane namabhreki e-ABS ne-EBD.
Intengo:
Pegas 1.4 LX Manual R225,995
Pegas 1.4 EX Manual R236,995
Pegas 1.4 EX Auto R251,995
Zonke izinhlobo zifika neservice plan yeminyaka emine noma u-60 000kkm, newarranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa neRoadside Assistance.