IMOTO: HYUNDAI STARIA MULTICAB
ENINGIZIMU Afrika amaveni ayathandwa nokuyinto efakazelwa ukwanda kwawo emgwaqeni nokuthi ahlale ebalwa nezimoto ezidayisa kakhulu.
Awathandwa nje kuphela ngosomabhizinisi kepha nemindeni nabantu nje abafuna ukuba nemoto ephakeme nenesikhala sokulayisha impahla.
Ufica abanye sebefake amatende esikhenkeni ukuze kuzovikelela impahla.
Kulabo kodwa abafuna imoto eyenza umsebenzi ocishe ufane kodwa okungeyona iveni yilapho iHyundai Staria Multicab engena khona.
IStaria, eyangena esikhaleni seH1, ihlukene ngezinhlobo. Kukhona eyibhasi elayisha abagibeli abangu-11, enye elayisha abayisishiyagalolunye bese kuba yile elayisha abahlanu bese iba nesikhala esikhulu sempahla.
Njengeveni, kungaba yimoto yakho yasekhaya okanye kube yimoto oyisebenzisela ibhizinisi. Okuhle wukuthi impahla ivikelekile, awunavalo lokuthi ingase inethwe. Engingakucebisa kukho nokho wukuthi uthi ukuyidima amawindi ukuze ongaphandle kube nzima ukubona okulayishile hleze akuhalele.
Ngibona ngathi kungaba kuhle okusarabha kokuvikela imoto phansi ukuthi ingahuzuki uma usulayishe impahla.
Isikhala lesi sikhulu impela futhi bathi ungakwazi ukuthwala impahla enesisindo esingu-1 000kg.
Okuhle wukuthi kunezinsimbi ezivikela amawindi ukuthi angalimali, kunelambu lokukhanyisa ebumnyameni ngaphakathi futhi uyakwazi ukuyivula ngemuva noma ungaphakathi.
Izicabha zangemuva zivuleka zombili futhi zivuleka kakhulu ukuze kube lula ukulayisha nokuthulula impahla.
Ikahle ngoba ilayisha abagibeli abahlanu okuhlanganisa nomshayeli okusho ukuthi nihamba niwumndeni nezimpahla okanye abasebenzi nezimpahla.
Izihlalo lezi ziyisikhumba futhi kwezangemuva uhlala kahle ukhululeke, isikhala sikhona. Inkinga wukuthi uhlala uqonde, awukwazi ukuzilalisa kancane.
Ngaphambili nakhona izihlalo ziyisikhumba. Umshayeli uhlala ngokukhululeka athi ukuphakama ukuze awubone kahle nomgwaqo. Isiteringi uyakwazi ukusenyusa noma usisondeze futhi sinamabhathini okulawula umsakazo nokunye.
Okushodayo yindawo yokuphumuza izingalo kwabangaphambili.
Uma uke wangena kwiStaria Executive ngeke likudide ingaphakathi ngoba iyefana kwazise isuselwe kuyo vele.
Ngithanda ukuthi kunenqwaba yokubeka izinto ezicabheni, yingaphambili naphezulu.
Inetouchscreen infotainment system exhuma iselula ngeBluetooth, Apple CarPlay okanye i-Android Auto, amawindi kagesi ngaphambili yize engehli wonke ngokugcwele, i-aircon, cruise control, indawo yokushaja iselula ngaphandle kwentambo nezimbobo ezimbili ze-USB.
Injini ingu-2.2 litre kadizili futhi inamandla angu-130kW netorque engu-430Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo, othumela amandla emasondweni angaphambili.
Injini ikahle nogearbox futhi ihamba kahle. Inamadrive modes ahlukene okuwu-Eco, Normal noSport. Uma ukhetha enye yawo kushintsha nendlela ekhanya ngayo kwi-instrument cluster.
Mina nje bengihamba ngo-Eco kakhulu ngizama ukonga udizili njengoba intengo iphezulu nje futhi ebangeni elilinganiselwa ku-600km engilihambile edolobheni nakuthelawayeka, ibidla amalitha angu-7.9 ngo-100km.
Emgwaqeni isuspension yangemuva ithe ukuqina, uyezwa uma ungena emabhampini nokuyinto eyenzelwa ukuthi ikwazi ukumelana nesisindo. Amasondo ayo angu-17 inch ayazama nokho ukwenza lokhu kungazweli kakhulu.
Ngithe uma ngizama ukujeqeza ngemuva ngabona kunzima ngoba izicabha zangemuva ziyasitha kodwa kunekhamera eveza ingemuva kwi-infotainment system uze uyicishe wena uma usuthanda. Ngemuva futhi awekho ama-wiper kodwa bakhona olayini bokususa inkungu.
Intengo:
Staria R2.2 5-seater Multicab AT - R759 900
Iphuma newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, iservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km neroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.