IMOTO: HYUNDAI KONA
BENGIBUKA izibalo zokudayiswa kwezimoto eNingizimu Afrika ngenyanga edlule ngabona ukuthi iHyundai isendaweni yesine ngezimoto ezingu-2 930.
Yize ngingazazi izimoto zemoto ngazinye kodwa ngiyakholwa ukuthi umndeni wamaSUV abo udlale enkulu indima ekutheni badayise izimoto ezingaka.
KwaHyundai banayisithupha okuyiVenue, Creta, Kona, Tucson, Santa Fe nePalisade. IKona isanda kuthuthukiswa futhi esihamba ngayo lapha yi-2.0 Executive.
Izinto ezishintshile yindlela ebukeka ngayo ngaphambili nangemuva. Amarimu angu-17 inch.
Iyabukeka iKona kodwa lapho efike ingenzele phansi khona yisikhala ngaphakathi. Kodwa ungayithethelela ngokuthi yona iphethe isitayela uma ufuna isikhala ungabheka ezimotweni zakwabo. Ibhuthi ayinkulu nesikhala ezihlalweni ngemuva asisikhulu naso kakhulu.
Ingichaza ngezinto efika nazo njenge- 8-inch infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Android Auto/Apple CarPlay ngaphandle kwentambo futhi ukwazi nokushaja ngaphandle kwentambo.
Inenjini engu-2.0 engenayo iturbo enamandla angu-110kW ne-torque engu-179 Nm. Ifakwe u-gearbox ozishintshayo abawubiza nge-Intelligent Variable Transmission (IVT).
Emgwaqweni ngiyizwe ikahle ikwazi ukumelana nomgwaqo futhi kuphethroli yonga kakhulu futhi amagiya iwashintsha buthule. Umsindo ize ibe nawo uma unyathela ngamandla. Bheka ngoba ngo-100km ibidla amalitha angu-5.8.
Kwezokuphepha ine-cruise control, Electronic Stability Program, Electronic Brake Force Distribution, Downhill Brake Control, Hill start Assist Control nama-airbag ngaphakathi.
Intengo:
Kona 2.0 Nu Executive (auto) - R459 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neRoadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.