IMOTO: KIA PICANTO X-LINE
KUTHE ezinyangeni ezintathu ezedlule kwatheleka iPicanto entsha, iX-Line nebukeka kahle.
Ihlukile kunePicanto ejwayelekile ngegrille kanjalo nobhampa. Iphinde ibe namaLED headlights namafog light ngezansi. Amarimu angu-15 inch bese namakhava emakhwapheni njengoba izishaya saSUV futhi iphakeme kancane kunePicanto ejwayelekile ukuze ihehe abathandi bamaSUV. Uma uthanda uyifaka nesunroof.
Engikuthandayo ngayo ukuthi ayishodi ngezinto zobuchwepheshe besimanje ngoba ine-touchscreen infotainment system engu-8 inch. Ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi kuvele nengemuva uma uhlehla kwazise inekhamera.
Esiteringini kunamabhathini okuphendula ucingo nokulawula umsakazo ukuze ungalokhu ususa isandla sakho uma ushayela. Okunye engikuthanda ngengaphakathi layo, ukuthi ayinazo izinto eziningi nezinkinobho ezingakudida ikhanda. Kunezokulawula i-aircon kuphela bese kuba yizikhala zokubeka iziphuzo ngezansi. Inamawindi kagesi nezihlalo ezizishaya sasikhumba. Kuyahlaleka uma uphakathi yize kuyimoto encane futhi ibhuthi ingu-255 litres.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-1.25-litre enamandla angu-61kW netorque engu-122Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-5 speed manual. Emgwaqweni omkhulu uhamba ngokuzethemba ngoba inamandla futhi iyonga. Ukuphakama kwayo kwenza uhambe obhuqwini ungamincile ngokushaya phansi, ilimale. Ngo-100km ibidla amalitha kaphethroli angu-6.7.
Umzimba awulali kakhulu uma ubamba ikhona ngesivinini. Bayifake namabhreki e-ABS kanti inama airbag amabili ngaphambili.
Ibanga abathengi nezimoto ezifana neRenault Sandero, Stepway, Ford Figo neSuzuki Ignis. Ngokwengeza kancane imali usungaqala uthole amaSUV abiza ngaphansi kukaR300 000 anjengeSuzuki Vitara Brezza, Nissan Magnite namanye.
Intengo
Picanto 1.2 Manual X-Line R237 995
Ifika neservice plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne warranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa neRoadside Assistance.