IMOTO: MCLAREN 720s Spider neGT
IZINOMBOLO zingayixoxa zisheshe ziyiqede indaba ngeMcLaren 720s Spider neMcLaren GT.
Lezi yizimoto ezikwenza uvuke ekuseni ufake umfutho kunoma yini oyenzayo noma-ke ithemba ulibeke ekubambeni iLotto okwanye ekubhejeni ezemidlalo.
Zombili lezi zimoto zinenjini efanayo engu-4.0 litre twin-turbo engu-V8 futhi zisebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-7 speed.
Umehluko ngamandla le njini ewafuqayo.
KwiGT angu-456kW netorque engu-630Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-3.2 kanti uma imile ibamba u-200km/h ngemizuzwana engu-9.0 bese kuthi ijubane elikhulu kube ngu-326km/h.
I-720s Spider ngakolunye uhlangothi ifuqa amandla angu-530kW netorque engu-770Nm. Inesivinini sonyazi njengoba uma imile iya ku-100km/h ngemizuzwana engu-2.9 kanti ukusuka ku-0 iye-200km/h yimizuzwana engu-7.9. Ijubane elikhulu ligcina ku-341km/h.
Lezi yizimoto ezinamandla okuzedlula zonke kwesengike ngazishayela selokhu ngaqala kule ngosi cishe ngasekupheleni kuka-2011. Eseduze yi-Audi R8 ekhafula amandla angu-449kW.
Lezi akuzona izimoto ezandile ngoba zifuna omacaphunakusale asebenazo izimoto zokufeza izidingo kepha lapha basuke sebethengela ukuzijabulisa bona.
Ngaphandle kwenjini isisindo sazo sidlala indima enkulu ekutheni zisheshe kanje kwazise azidlulile ku-1 500kg esikalini.
Uzokhumbula futhi ukuthi iMcLaren ineqembu ezimotweni zomjaho iFormula 1 lapho kushayela khona uLando Norris noDaniel Ricciardo okuyimanje lisendaweni yesine ngamaphuzu emaqenjini angu-10. Ubuchwepheshe namava abakuthola ezimotweni zomjaho bakufaka nakulezi zimoto.
Ngesikhathi ngizwa ukuthi ngizothola ithuba lokuzishayela mina nozakwethu esisemkhakheni ofanayo naye, uSibonelo Myeni, siqale sangakholwa. Kuthe sesizibonela eduze kwasa ngokunye kwacaca ukuthi impela sizoziqhoqhobala.
Ngiqale ngeMcLaren GT. Yize inamandla kodwa ayethusi kakhulu njenge-720s Spider. I-720s akudlalwa igxuma ihlale futhi nomsindo wezinqawe uphezulu.
Isiteringi sakhona sinesisinjwana futhi sijika kalula ubone ikhala liya lapho ulikhomba khona ngaphandle kokuchitha sikhathi. Kukhona amapedal shifters ngemuva engingazixakanga nakancane ngokuwasebenzisa ngoba ugearbox nenjini kusebenza ngokubambisana okuhle.
Nesuspension uyayihlela ukuthi ibe njani futhi uyakwazi nokuyiphakamisa kancane ukuze ingashayi phansi uma kukhona okujombayo.
Okungichazayo ukuthi zinamandla impela kodwa futhi uma sekumele kumiwe inkinga ayibi khona ngoba zinamabhreki abamba thaqa ecarbon ceramic.
Amandla akuyona kuphela into ezigabe ngayo kodwa futhi ziyawadonsa amehlo. Umbala we-720s osawolintshi uyagqama futhi uma uthanda uyakwazi ukuyivula ukhakhayi ushaywe umoya futhi uzwe kahle nomsindo wenqawe.
Uma uyivula izicabha, njengeGT, ungathi uvula amaphiko ngoba zivuleka ziye phezulu.
Ukungena ngaphakathi ungathi ungaya ngesinqa kuqala bese uphakamisa imilenze ngoba zimfishane. Izihlalo zikubamba ngathi ugonile unganyakazi noma ushaya amakhona ngejubane.
Intengo yeMcLaren GT ilinganiselwa ku-R6 million kuthi uma udinga iMcLaren 720s kumele uzilungiselele ukuhlukana nemali elinganiselwa ku-R8 million.
EDaytona, okuyogaraji lezimoto zikaNokusho lapho itholakala khona eMelrose Arch, eGoli, naseV&A Waterfront eKapa, zikhona nezinye izinhlobo ezibiza kancane.