IMOTO: VOLKSWAGEN CADDY CARGO
ENINGIZIMU Afrika asinawo amaveni amaningi amancane okuthutha impahla kunalokho kunamakhulu futhi ayinyama kubathengi.
Uzokhumbula ukuthi eminyakeni edlule kuke kwaba khona izimoto ezifana neNissan 1400 ne-Opel Corsa. Njengamanje uma ufuna iveni elincane, uthola iNissan NP200. Uma ungalithandi, imoto ongabheka kuyo yiVW Caddy Cargo.
Enye imoto engingayiqhathanisa neCaddy Combo Cargo yi-Opel Combo Cargo kodwa uma lezi zinkulu, kukhona iHyundai Grand i10 Cargo.
ICaddy Cargo ikahle kosomabhizinisi abadinga isikhala sokulayisha impahla bese ihlala ngendlela ephephile ngoba ivalekile ngemuva. Okungichazayo ukuthi ongaphandle akanandlela yokubona ukuthi ulayishe ini ngoba ivalekile. Isikhala sokulayisha sikhulu singu-3.1m3 futhi izicabha zangemuva zivuleka kakhulu ukuze ulayishe kahle. Phansi ngathi ungafaka irabha ukuze ingaklwebheki. Okuhle uma ungafuni ukuvula izicabha zangemuva, uyakwazi ukuvula esaseceleni futhi kunelambu lokukhanyisa ngaphakathi uma ulayisha ebusuku.
Ngaphambili ilayisha abagibeli ababili. Ukuba kwayo yiveni kwenza ungakwazi ukuhlela kahle isihlalo ngoba asihlehli uma umude nokuyinto ebenginenkinga ngayo.
Ngaphambili ungathi yimoto encane ngendlela ebukeka ngayo. Inetouchscreen infotainment system lapho udlala khona umsakazo, ubuke ingemuva uma uhlehla, uxhume iselula nge-Apple CarPlay nokunye. Yilapho futhi usetha khona amazinga okushisa njengakwiGolf 8 GTI. Ngingaze ngikhohlwe, iCaddy yesihlanu yakhelwe phezu kwesisekelo sayo iGolf 8, iModular Transverse Matrix (MQB) platform. Lokhu kusho ukuthi izimoto zakwaVW zingasebenzisa ubuchwepheshe obufanayo kalula.
Nendlela okhanyisa ngayo amalambu iyafana nakwiGolf 8 GTI ngoba usebenzisa amabhathini. Ezinye izinto enazo ngamawindi kagesi, amabhathini esiteringini okulawula umsakazo necruise control nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB.
Okungichazayo ukuthi kunenqwaba yezindawo zokubeka impahla. Kukhona ephezulu okhakhayini, ezicabheni naphakathi nendawo kwazise nehandbrake iyinkinombo nokonga isikhala.
Emgwaqeni ihamba ngenjini engu-1.6 litre kaphethroli. NjengakwiCaddy endala, inamandla angu-81kW. Itorque ingu-152Nm futhi yona isebenzisa ugearbox oyi-6 speed oshintshwayo, hhayi oyi-5 speed.
Uma uyishayela ngathi yimoto encane ngoba isiteringi silula futhi namagiya azingenela kalula wena owabona iPolo. Uze ukhumbule uma usuthi ujeqeza eceleni, ufuna ukubona ukuthi ikhona yini enye imoto ngaphambi kokushintsha umzila, ukuthi uhamba ngeCaddy ngoba kusithekile.
Ithe ukuqina ukumelana nesisindo kodwa amarimu amasondo angu-16 inch enza ungawazweli kakhulu amabhampu. Ngemuva komshayeli nomgibeli kuvalwe ngento esasisefo nokwenza kube nomsindo womoya ongena ngaphakathi noma ukhuluma kube ngathi usendaweni engenamuntu.
Okunye enakho wukuthi amandla ayaphela, kumele ulokhu wehlise amagiya ukuze uwalande kodwa uma uzihambela edolobheni ayinankinga.
Ngo-100km ibidla amalitha kaphethroli angu.7.7 nokuyinto engekho kude kuno-7.2 oshiwo kubo kwayo.
Intengo:
VW Caddy Cargo – R404 000
Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km, iwarranty yeminyaka emibili.