IGARAJI kalingeni ndawo uma kukhona okwenzeka emotweni yakho ngesikhathi iyolungiswa kulona, ngokusho komphathi wawo oneminyaka edayisa izimoto.
Kusuke impikiswano kwiTwitter kuleli sonto owesilisa ebhala ukuthi imoto yakhe yebiwe kade iyolungiswa egaraji.
Uthe ekuqaleni kwenyanga ushiye imoto yakhe egaraji iyoshintshwa ibhethri ngoba isengaphansi kwe-warranty.
NgokweWesbank, iwarranty yisithembiso esenziwa yinkampani eyakha imoto sokuthi uma kukhona iphutha elenzeka yakhiwa, lizolilungisa. Ngokujwayelekile ibe nesikhathi esikaliwe.
“Ngokuhamba kosuku ngesikhathi ngisemsebenzini ngifonele egaraji ukuzwa ukuthi ngingayilanda yini imoto uma ngishayisa. Bangitshele ukuthi basalinde ukuthi isicelo se-warranty siphasiswe ekomkhulu labo, wabe esephakamisa ukuthi angiyishiye egaraji ngalolo suku imoto.”
Uthe bamnikeze imoto yesibambiso. Ngakusasa uthole ucingo luthi konke sekulungile.
“Sengishayisile ngiye egaraji ngathola osebenza khona ematasa namanye amakhasimende. Eseqeda ungibizele etafuleni lakhe wanginika amaphepha ethi angisayine ngesikhathi esabheka ukhiye. Ungitshele ukuthi imoto isemnyango ilindele ukulandwa.”
Uthe akawutholanga ukhiye nasemnyango imoto ibingasekho, kwavela ukuthi khona ophume ngayo. Lona ophume ngayo ubenganazo izincwadi zokushayela kodwa unogada washutha isithombe sakhe esangweni.
Owesilisa uqhube wathi igaraji lithembise ukwenza uphenyo futhi libikele umshwalense walo. Ngokuhamba kwesikhathi umphathi wegaraji uthe umshwalense wabo ngeke ukhokhe futhi yena kumele afune isinxephezelo kowakhe.
Igaraji lithe lizokwenza ubuntu ngokuthi likhokhele i-excess okuyimali efunwa wumshwalense uma ufuna ukukhokhelwa kuyo.
USibonelo Myeni we-iMoto Online, uthe ukuze kusheshe kumele umgilwa akhulume nomshwalense wakhe afune isinxephezelo kuwo, yiwo ozobe usubhekana negaraji.
“Kuyacaca ukuthi igaraji libe budedengu ngoba ophume nemoto ubengenayo ilayisensi yokuziveza ukuthi ungubani ngokomthetho wegaraji. Angaya nakubammeli ukubopha igaraji.”
Uthe ngokomthetho weConsumer Protection Act Section 65 (2), owenza umsebenzi (igaraji) kumele ayinakekele impahla yekhasimende ngendlela elindelekile kumuntu ophethe into yomunye. Uthe umthetho ukubeka kucace ukuthi uma ilahleka ngenxa yokuhluleka wukuyinakekela, kumele akhokhe.
Umphathi wamagaraji adayisa izimoto KwaZulu-Natal okhulume naleli phephandaba, uveze ukuthi ngaphandle babhala ngamagama amakhulu ukuthi abangeni ndawo kokwenzeka emotweni eshiywe kubo.
Lo mphathi ucele ukungadalulwa ngoba igaraji okwenzeke kulo isigameko eGoli lidayisa izimoto ezifanayo nalisebenzelayo.
“Inkampani ngeke ikunxephezele uma imoto ilahleka. Ngisho ekhadini okubalwa kulo umsebenzi ozokwenziwa emotweni kuyashiwo ukuthi uyishiya ngoba uzethembile.
Umuntu usuke enganaki eshesha asayine. Ngisho uma imoto yomuntu uyilimazile igaraji alingeni. Yize noma umthetho ukhona kodwa nawe njengomphathi uye usebenzise ubuntu ulilungisele ikhasimende.
Kukhona nje owashiya imoto ngaphandle isalinde ukungena iseviswe. Kwaba khona oyishayisayo. Ikhasimende lathi lifuna isinxephezelo kithi thina salisiza ngokusifuna emshwalenseni walo,” kusho umphathi onamava.
“Kuleli khasimende ngoba kuhambe nokhiye, selingalwa negararji ngalokho. Lingafuna ukhiye walo. Kuyasolisa ukuthi umkhuba usekhaya. Usengalwa ukuthi imoto bayidayisile noma bayitshontshile ngoba ukhiye kawukho.”