UMSEBENZI wezandla awuqala esohambeni lokwelapha ingcindezi nokhwantalala, usuphenduke ibhizinisi.
UNkk Slindile Mfeka waseMtubatuba osezinze eHillcrest, ungumnikazi wenkampani iKunes Kraft, eyenza izikhwama ezinithiwe neminye imikhiqizo yewuli. Uthi wayengaqondile ukuvula ibhizinisi ngesikhathi eqala, wabona ukunitha kuyinto ezokwazi ukumnika ukwaneliseka ayekudinga ukuze aphole.
Uthe uqale ukunitha ekuqaleni konyaka, akuphelanga isikhathi eside wagcina esenamakhasimende awuthanda umsebenzi wakhe akwezinye izifundazwe.
Uthe uma usohlelweni lokwelulekwa ongoti abeluleka ngokomphefumulo, kuye kudingeke ukuthi kube nento ozoyenza ezokwenza ukuthi umoya wakho ukhululeke uzizwe wenelisekile. Uthe waqala wazilolonga ngokugijima kodwa inhliziyo yakhe yangakuthola ukwaneliseka ayekufisa wase ekhumbula ukuthi unekhono alifundiswa umsizi wasendlini owayesebenza kubo esemncane.
“Kwabuya lolo gqozi enganginalo ngesikhathi ngiqala ukufunda. Ngesikhathi nginitha umqondo wami wahlala kulo msebenzi engiwenzayo. Ngihlela ukuthi ngizokwenza iphethini enjani, umbala, usayizi wesikhwama nokuthi isitishi engizosenza sinjani. Uma usuphelile umsebenzi wami ngijatshuliswe ukuthi ngibone lo msebenzi omuhle . Lokhu kwangisiza kakhulu ngoba emsebenzini nganginegcindezi eyayidalwa ukuthi kwakungafuneki ukuthi ngibe nemibono ethile, kwalumele ngithathe lokho okushiwoyo. Okwakungenza ngizizwe ngiwumuntu ongathi uvalelekile,” kusho yena.
Uthe yize ukunitha akufundiswa usisi owayesiza ekhaya kodwa ugogo wakhe naye wayekwenza futhi edayisa imikhiqizo yakhe okwakuvame ukuthi kube iziketi ezazaziwa ngonomdindi nezinye izinto zokuhlobisa. Uma evakashele eMtubatuba wayebuya nesiketi sakhe esinithwe ugogo wakhe.
Le ntokazi isanda kudla umhlanganiso kuMasipala weTheku ngesikhathi kunombukiso wemisebenzi yezandla. Itafula layo laiqokwa kwathiwa belihlelwe kahle likhanga kunawo wonke ayesembukisweni owawusenxaxatheleni yezitolo KwaMnyandu, eMlaza muva nje.
Uthe eminye imikhiqizo yakhe ike yadayiswa emazweni aphesheya kuwo okukhona neChina ngesikhathi ekhangisa ngayo kwi-Resurgence Conference, ebiseThekwini kulo nyaka.
“Ngiwumuntu ozinikelayo uma enza into, ngiyenza ngothando ngiphinde ngikhethe iwuli enhle. Akungikhathazi ukuthi kuyenzeka ngisebenze kuze kube buhlungu iminwe,” kusho yena ehleka.
Uthe abantu abamhlophe ibona abazithanda kakhulu izinto ezinithiwe kodwa bakhona nabamnyama abazithengayo ngoba bebona ubuhle.
Uthe okunye okumsizayo ukujoyina abanye abanithayo ezinkundleni zokuxhumana agqugquzeleke futhi naye uwukhangisa khona umsebenzi wakhe.
“Iwuli engiyisebenzisayo ayisatholakali kalula manje kodwa ngenza konke okusemandleni ukuthi ngiyithole. Okunye okubuye kube yinselelo ukuthi abayidayisayo uma bebona ukuthi iyathengwa, bayayenyusa imali yayo ezitolo,” kusho uNkk Mfeka.