UMCULI we-Afro pop wodumo lwezingoma zothando, uMs Level usezihlabe wazihlikisa izinsolo ezithi ingoma yakhe esematheni kulezi zinsuku ethi Dear Baba Womntwana, iyindlela aphendula ngayo umculi kaMaskandi uNtencane, onguyise wengane yakhe, aseke baba sematheni ngombango wesondlo sayo.
UNtencane nguyena okhiphe kuqala ingoma ekhulumisayo, esihloko sithi Dear Mawomntanami, ekwi-albhamu yakhe yesine ephume emavikini amabili edlule, esihloko sithi Alingeni.
Emva kwalokho, uMs Level wenze esifanayo ngeyakhe eqhamuka nge-video, abaningi abamsole ngokuthi uphendula uNtencane, bebaningi nabesifazane abayijabulelayo.
Ebuzwa ngale ngoma uMs Level uthe: “Le ngoma ayiqondile kulokhu abanye abantu asebecabanga ukuthi iqonde khona, kepha yingoma engihlose ukukhuthaza ngayo abantu besifazane abondla izingane ngabodwana njengami, ukuthi abavuke bazithathe, bangavumi ukuthi ubunzima bempilo benze bangabe besazethemba empilweni. Ngayo ngikhuthaza ukuthi bazimele futhi bangazingabazi kwabakwenzayo empilweni.”
Leli ciko eligqame emculweni ngo-2019 ngengoma yalo ethi Vele Ngiyamthanda, liqhube lathi le ngoma ingenye yezizozididiyela kwi-extended play (EP) ezophuma ngesonto elizayo.
Kuthintwa uNtencane ukuze aphawule ngalolu daba, nangale ngoma yakhe enezinhlamvu ezithi “okwakusihlangisile sekwaphela, nale ngane olwa ngayo inegazi lami”, ucele ukungaphawuli ngokumhlanganisa noMs Level ngenxa yokuthi udaba lwabo lusezithebeni zenkantolo.
“Kungaba ngcono ukuba mhlawumbe sizokhuluma nge-albhamu eceleni, kungahlanganiswa lutho oluthinta omunye umuntu ngoba lokho kungagcina kulimaza mina ekugcineni,” kusho uNtencane.