IMOTO: FORD RANGER FX4
UKUTHANDWA kwamaveni eNingizimu Afrika, kwenza ukuthi abakwaFord bahlale bezama ukuqhamuka nezindlela zokugcina amakhasimende ejabule.
Ngenyanga edlule nje, kudayiswe amaFord Ranger angu-1 972 nokukhombisa ngokusobala ukuthi abantu bayazifela ngawo. Lokhu kungenxa yokuthi yize kulindwe entsha ceke ngonyaka ozayo kodwa ekhona abayiyekelile kanjalo ukuthi "iphuphe" kunalokho bayenza ihlale ibukeke iyintsha.
Bheka ngoba bathathe iRanger XLT Double Cab eyintandokazi, bayithuthukisa ngokuyishintsha indlela ebukeka ngayo. Ukuyenza ihluke kuneXLT bayigaxe i-grille emnyama, amaLED headlamps nama-daytime running lights.
Izibuko emaceleni zimnyama nezibambo zokuvula izicabha, amarimu angu-18 inch amnyama nesports bar esingichaza ngokukhanya busuku ukuze ubone kahle okulayishile.
Ngaphakathi abagibeli bahlala ezihlalweni zesikhumba. Ukuze ungene ngaphakathi uyakwazi nokuyivula ngeselula njengoba ineFordPass Connect, eyenza ukwazi nokuyidumisa kwiselula futhi uyibone nokuthi ipake kuphi.
I-eight inch touchscreen yeSYNC3 infotainment system yenza impilo ibe lula ngokukwazi ukuxhuma kuyona iselula nge-Apple CarPlay bese ivela kwiscreen. Okunye enakho yiBluetooth, dual-zone automatic climate control, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla nokunye.
Emgwaqweni, ngibashayela ihlombe abakwaFord ngokwenza amaveni abentofontofo. Nakho ubuntofontofo lobu, buhamba ngenjini engu-2.0 litre Single Turbo kadizili enamandla angu-132kW ne-torque engu-420Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-10 speed ozishintshayo.
Ngethangi likadizili ogcwele ngikwaze ukuhamba amakhilomitha angu-713 ngaphambi kokuthi ngiyethe isiveza ukuthi isengahamba amanye amabili. Ngaleso sikhathi ibidla angu-9.0 ngo-100km.
Njengoba kuyi-4x4, uyakwazi ukuyikhetha ukuthi idonse ngamasondo amangaki, ineHill Descent Control, Electronic Stability Programme neTraction Control, Hill Launch Assist, Roll-over Mitigation, Trailer Sway Control, amabhreki e-ABS, Electronic Brakeforce Distribution ne-Emergency Brake Assist.
Intengo
2.0 Single Turbo FX4 10AT 4x4 R704 500
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu necorrosion warranty yeminyaka emihlanu.