ZIJIKILE izinto kwaFord South Africa ngemuva kokukhishwa kweservice plan entengweni yezimoto zayo ezintsha.
Lokhu kuza ngemuva kokuqala ukusebenza komthetho obizwa ngeRight to Repair ngoJulayi 1 ovumela abashayeli ukuthi basevise noma yikuphi izimoto zabo bengaphoqwa ukusevisa emagaraji abathenge kuwo.
IFord ithe kusuka kuqale inyanga, izimoto zayo azisaphumi neservice plan kunalokho usuyithenga yodwa eceleni uma uthanda.
Kwenzeka lokhu nje, iPhini lesikhulu esiphezulu kwaStellantis, u-Ismaeel Hassen, sithe basenza ucwaningo ngokuthi lolu daba bazolusingatha kanjani. Uthe kwamanye amazwe kwathatha isikhathi.
Umqondisi wokudayisa nokusebenza kwaHyundai Automotive South Africa, uStanley Anderson, uthe akekho umthengi oseke weza kubo wafuna ukuthenga imoto ngaphandle kweservice plan.
Uthe ngisho imoto ungayisevisa kahle lapho uthanda khona kodwa intengo yayo izokwehla uma usufuna ukuyidayisa kunokuyisevisa kubo kwayo.
IFord ithe noma ungangayithenga iservice plan kodwa uyakwazi ukusevisa emagaraji abo uma uthanda.
“Amakhasimende ayakwazi ukukhetha ukuthi afuna ukuyisevisi kuphi imoto yawo kodwa kubalulekile ukuqonda imigomo,” kusho uNeale Hill onguMengameli wakwaFord Motor Company Africa.
“Ukwenza isibonelo, uma ukhetha ukusevisa imoto yakho ngaphandle kwasegaraji lakwaFord yize uneFord Protect Service Plan, iFord ayiphoqelekile ukukhokhela ama-Independent Service Providers (ISP) ngomsebenzi wawo. Uwe ozokhokhela ama-ISP futhi yize iFord warranty ingaphazamiseki kodwa uma kwenzeka kuba nenkinga ngenxa yamaphathi asetshenzisiwe noma izinga lomsebenzi owenziwe, lokho okwenziwe ngeke kuvikelwe yiFord warranty.”
Uthe zonke izimoto zabo ezintsha zisazofika newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu newarranty yeminyaka emihlanu.