UNGADIDEKI uzitshele ukuthi yimoto entsha kanti iHonda Fit yiHonda Jazz kodwa esibizwa ngeFit eNingizimu Afrika.
Kwamanye amazwe iJazz ibibizwa ngeFit njengoba nakuleli isizobizwa kanjalo. IJazz noma iFit yaqala ukwethulwa ngo-2001 yazakhela igama kwaHonda njengoba manje sekwethulwa eyesizukulwane sesine.
Ithe ukuba nkudlwana kancane kunendala bese iba mfishane. Izinto efika nazo zihlukene ngokwezinhlobo zayo ngoba zine. Ngaphandle iComfort yona inamasondo angu-15 inch anamakhava bese kuthi ezinye izinhlobo zibe namarimu angu-16 inch. Yiyo futhi engenawo amalambu angamaLED kanjalo namafog lamps.
Ngaphakathi yakhiwe yaqina bese iba nesikhala esikhulu sokuhlala abagibeli nempahla. Isikhala sebhuthi singu-309 litres kodwa uyakwazi ukusandisa ngokulalisa izihlalo sigcine sesingu-1 210l.
Ngaphambili inezinye izikhala zokubeka izinto neziphuzo. IComfort inomsakazo onescreen esingu-5"bese ezinye izinhlobo zibe ne-9 inch touchscreen infotainment system ebukeka kahle. Yilapho udlala khona umsakazo, ubone ingemuva uma uhlehla uphinde ukwazi ukuxhuma iselula nge-Android Auto noma i-Apple CarPlay (ngaphandle kwentambo).
I-instrument cluster ishintshile isidigital futhi ingu-7 inch. Isiteringi sinamabhathini okulawula umsakazo, cruise control (adaptive cruise control kwezinye izinhlobo).
Ngaphansi kwebhonethi kunezinhlobo ezimbili zezinjini. Eyokuqala ngekaphethroli engu-1.5 litre enamandla angu-89kW netorque engu-145Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyiCVT. Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-5.5.
Eyesibili ngeyihybrid okuyinjini kagesi ehlanganiswe nekaphethroli engu-1.5 lire. Bathi ayinawo ugearbox kodwa izishintsha buthule. Amandla ayo angu-80kW netorque engu-253. Uma ihamba injini kaphethroli ishaja ibhethri kanti ngo-100km/h bathi idla amalitha angu-3.7.
Ngesikhathi yethulwa le moto eKapa ngoLwesithathu engikuqaphelile kuzo zombili ukuthi zihamba ngendlela ecishe ifane kodwa umehluko omkhulu wukuthula kweyihybrid nokuthi iyonga kuphethroli. Injalo nje ihybrid ibuye ibe nezinto ezithe xaxa njenge-adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni ngokuzijikisa isiteringi futhi iyazikhanyisa ibuye izicishe amalambu uma kunemoto eqhamukayo.
Zombili kodwa zithule ngaphakathi umsindo ziwubanga uma unyathela ngamandla futhi endaweni enyukelayo.
Zintonfontofo kangangokuthi ngisho uhamba ngo-120km/h awuzwa uze ubone uma ujeqeza ijubane.
Kwezokuphepha zineVehicle Stability Assist, Brake Assist System, Hill Start Assist ne-Automatic Brake Hold.
Izinga linyuke kakhulu kwiFit futhi yimoto okumele uyiqalaze uma usemakethe.
Intengo
FIT 1.5 DOHC i-VTEC Comfort CVT - R319 900
FIT 1.5 DOHC i-VTEC Elegance CVT - R359 900
FIT 1.5 DOHC i-VTEC Executive CVT - R389 900
FIT 1.5 DOHC i-MMD e-CVT Hybrid - R469 900
Ziphuma neservice plan yeminyaka emine noma ephela uma usuhambe ibanga eliwu-60 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma ephela ngemuva kuka-200 000km ne-AA Roadside Assistance yeminyaka emithathu. IFit Hybrid yona inewarranty yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-200 000km.