IMOTO: HYUNDAI KONA N LINE
UMA ungumthandi wejubane ungasheshe ujabule ngokufunda lolu daba ngoba akuyona le Kona oyicabangayo.
Abathandi bejubane balindele iHyundia Kona N (206kW) ezotheleka eNingizimu Afrika nonyaka. Okwamanje nokho kusekhona iKona N Line okuyiyo esikhuluma ngayo lapha.
IKona N Line ifike ngasekupheleni konyaka odlule ngesikhathi kulethwa iKona ethuthukisiwe.
Amagalelo nezinga leKona akungatshazwa ngoba ingenye yezimoto ezisembangweni wokukhethwa njenge-2022 South African Car of the Year.
Angikuvezele ukuthi ngonyaka odlule sinyukile isibalo samaKona adayisiwe aba ngu-573 kanti ngo-2020 ayengu-336. Izimbangi zayo ungabala iVW T-Roc, Audi Q2 neMazda CX-30 ukukha phezulu.
IKona N Line ibukeka isporty kuneKona ejwayelekile futhi iyawadonsa amehlo. Yonke imibala uyakwazi ukuyithola nokhakhayi olumnyama olumesha namakhava ezibuko.
Inamarimu angu-18 inch, izinqawe ezimbili ngemuva namaLED headlights namadaytime running lights.
Uma ungena ngaphakathi inezihlalo zesikhumba ezinezitishi ezibomvu noN egiyeni.
Empeleni uma ungaphakathi akukho okushodayo njengoba ine-8 inch infotainment system okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto ngaphandle kwentambo. Noma intambo ungenayo uyayishaja ngaphandle kwayo futhi ngemuva kubagibeli kunendawo yokushaja nge-USB.
Isikhala yize sikhona kodwa ngeke usifanise nesezinye zakwabo njengoTucson noSanta Fe.
Emgwaqeni ihamba ngenjini engu-1.6 litre turbo kaphethroli enamandla angu-146kW netorque engu-265Nm. La mandla aya emasondweni angaphambili ngogearbox oyi-7 speed dual clutch.
Emgwaqeni ihamba kamnandi futhi iyashesha njengoba igcina ku-210km/h. Lapho ebingihlukumeza khona yisemgwaqeni ovulekile uma ufake ismart cruise control oyenza ukuthi ihambe ngejubane olihlelile. Uma isibhreka ibamba mawala uma izwa kunemoto ephambi kwayo. Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.8 ngo-100km nokuyinto enhle njengoba kubo kwayo bethi idla angu-7.5.
Ngaphandle kwama-airbag agcwele ngaphakathi iyabhreka uma uthi ushintsha umzila futhi ibona ukuthi kunemoto eceleni, iyakusiza ukuhlala emzileni ngokujika kancane isiteringi uma uphuma, iyasho uma uzoshayisa imoto noma umuntu phambili futhi uma kunesidingo iyabhreka futhi iyasho uma izwa umshayeli esekhathele.
Intengo:
Kona 1.6 T-GDi N-Line DCT - R585 900
Iphuma neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km neroadiside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.