IMOTO: RENAULT TRIBER
KUMELE ishayelwe ihlombe iRenault ngokukwazi ukuqhamuka nezisombululo ezidingweni zabathengi ngezimoto zayo ezilokhu zande njalo emgwaqweni.
Ngikhumbula ekupheleni kuka-2016, ngesikhathi yethula iKwid. Baningi abayigxeka, kufanele kodwa ngaleso sikhathi ngoba ukuphepha kwayo kwakushayisa ngamakhala, futhi namanje kukhona abangayizwa indaba yayo. Yize kunjalo, ithengwa ubuthaphuthaphu yilabo abafuna imoto eshibhile, ezobathatha ibabeke.
NeTriber nayo ungithatha ungibeke kodwa othe ukuba mkhudlwana wona. Ifike ngonyaka odlule kodwa isizitholele indawo ezinhliziyweni zabathengi ngoba iyazifeza izidingo zabo kwazise ayiligqobhozi kakhulu iphakethe yize ilayisha abagibeli abayisikhombisa. Lapha eThekwini nje, ngike ngiyibone isisetshenziswa yilabo abasembonini yamatekisi akhokhelwa ngebanga olihambile. Nabanemindeni futhi ingena khaxa ngenxa yesikhala sayo ngaphakathi.
KwaRenualt bayithinte lapha nalapha iTriber njengokuyengeza ama-indicator ezibukweni emaceleni nokunye.
Le moto ifika namaLED daytime running lights, ama-roof rails, inamarimu angu-15 inch bese kuthi igabade ilishiye ngo-182mm.
Ngaphakathi inesikhala sabagibeli abayisikhombisa njengoba ngishilo. Uzwa usivala isicabha ukuthi yimoto eyakhelwe abafuna ukonga imali noma uyithinta ku-dashboard. Inazo izinto eziyisidingo ezimotweni zamanje njengamawindi kagesi, aircon, 8 inch touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi iveze ingemuva uma uhlehla namabhathini esiteringini.
Ngaphansi kwebhonethi, kukhona injini engu-1.0 litre enamandla angu-55kW ne-torque engu-96kW. Isebenzisa u-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo. Isandla silokhu siyile egiyeni, ikakhulukazi uma ilayishile ngoba iyakhathala ezindaweni ezinyukelayo, kungaba ngcono ukuba ine-turbo. Inomsindo futhi ngaphakathi. Ngo-100km, ibidla amalitha angu-6.9 kaphethroli.
Kwezokuphepha, ifika namabhreki e-ABS, nama-airbag ngaphakathi.
Intengo
Renault TRIBER Prestige 1.0-litre ENERGY R 211 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u150 000km.