IMOTO: RENAULT DUSTER
IRENAULT Duster akuyona imoto eba sematheni kwabaningi uma kukhulunywa ngamaSport Utility Vehicle (SUV) amancane abantu abangakhetha kuwo yize inabayithandayo.
Lokhu kungenxa yokuthi izimbangi ezifana neHyundai Creta, Opel Mokka nezinye ngingathi zibukeka kangcono kunayo, nokungenye yezinto eziheha abathengi kulesi sigaba.
Lokhu kodwa akusho ukuthi yimoto ebhedayo ngoba inezinto eziningi eziyizidingo ezimotweni zamanje futhi iyonga nakudizili nokuyinto eyenza ihambele kude nezimbangi.
Ngaphandle ngeke uthi yimbi futhi bayithuthukisile kwazise entsha yafika ngo-2018. InamaLED daytime running lights amise okukaC ngaphambili namarimu amasha angu-17 inch futhi ngemuva inamalambu eLED.
Amaroof rails, ikhava emnyama eyivikelayo ezansi nokushiya igabade ngo-210mm kuyenza ibukeke saSUV
Umbala osawolintshi, obizwa ngo-Arizona Orange, njengakule esihamba ngayo uyenza igqame esixukwini.
Ngaphakathi nakhona indlela eyakhiwe ngayo “ayinasimanga”, inezinto ozidingayo futhi ezihleli obala.
Akudingi nokuthi uze ukhiphe ukhiye ephaketheni ngoba uma usondela iyavuleka futhi noma usuqhela iyazikhiya.
Ingaphambili lakhiwe ngoplastiki othe ukuqina. Inetouchscreen infotainment system enenkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Autongaphandle kwentambo futhi ubona nengaphandle lonke uma upaka ukuze ungashayisi. Iphinde ibe ne-automatic climate control, amawindi kagesi, cruise control nespeed limiter, Anti-Lock Braking System, Electronic Brake Distribution ne-Emergency Brake Assist futhi uma usuka endaweni enyukelayo ayihlehli imizuzwana emibili.
Engikuthandayo ngayo wubukhulu bayo ngaphakathi. Kunezindawo eziningi ngaphambili nasezicabheni zokubeka impahla. Abagibeli futhi bahlala ngokukhululeka kanjalo nempahla ebhuthini ngoba ingu-478 litres.
Okunye okuthandekayo ngayo yindlela eyonga ngayo kudizili. Inenjini engu-1.5 dCi turbo enamandla angu-80kW netorque engu-250Nm.
Yize kubo bethi idla amalitha angu-4.8 kodwa ezinsukwini eziyisikhombisa engisichithe nayo ibidla angu-5.0 ngo-100km. Lokhu yinto enhle kakhulu esikhathini samanje futhi ngethangi uhamba cishe amakhilomitha angu-1 000.
Esiminyaminyeni awunankinga yokubhalansisa uze ukhathale unyawo ngoba bayigaxe ugearbox oyi-6 speed Dual-Clutch automatic.
Intengo:
Duster 1.5 dCi Intens EDC 4x2 - R394 900
Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.