IMOTO: BMW M440i xDrive Gran Coupé
ENINGIZIMU Afrika bekukhonya i-4 Series Coupé neM4 kuphela, kwaze kwaba ngasekupheleni konyaka odlule, kepha zishintshile izinto uma sekutheleka i-4 Series Gran Coupé.
Umehluko kulezi zimoto, ukuthi icoupé inezicabha ezimbili bese kuthi iGran Coupé ibe nezine.
Mina nje, ngithanda izicabha ezine ngoba ngibalekela isicefe sokuthi uma kukhona ofuna ukungena ngemuva, sekumele ngehle noma kwehle umgibeli ohleli ngaphambili.
I-4 Series Gran Coupé okungeyesizukulwane sesibili yinde futhi ivulekile kunendala. Lokhu ukubona ngaphakathi ngoba ilayisha abagibeli abahlanu. Ngilishiyile igabade kodwa ngike ngakala ukuthi ngiyakwazi yini ukunela ngemuva, ngangena ngaphandle kwencane inkinga futhi kunesikhala sokwelula izinyawo namadolo.
Impahla ayisisisweli isikhala ngoba ibhuthi iwu-470 wamalitha futhi uma ulalisa izihlalo zangemuva, isikhala siba wu-1 290 wamalitha.
Lena esihamba ngayo iyawadonsa amehlo abantu, baphenduka nayo. Ishaya ngombala obomvu abawubiza ngo-Aventurine Red, futhi inamarimu angu-19 inch. Engingakuthandi wumbhalo osezinhlangothini othi M Performance. Inezibuko ezigqize ngecarbon fibre, ispoiler kanjalo nodebe kubhampa ngaphambili.
Amalambu angama(adaptive LED headlights with BMW Laserlight) okusho ukuthi ebusuku isandla asisuki esiteringini ngoba azikhanyisa kakhulu aphinde azidime wona uma kunemoto phambi kwakho.
Ngaphansi kwebhonethi yayo ende kunenjini ewu-3.0 wamalitha straight-six efuqa ngamandla awu-285kW netorque engu-500Nm. Isebenzisa igearbox eyi-8 speed, ezishintshayo.
Uzokhumbula ukuthi iM4 engaphezu kwayo, inenjini ewgu-3.0 wamalitha kodwa umehluko wayo ukuthi ifuqa amandla awu-375kW.
Yize kunjalo, amandla efuqa ngawo iM440i, ayenza isheshe emgwaqweni. Ngifikelwe wumqondo wokuthi iM4 ngingayithengisa nje, ukuthi ngifuna ukujoyina iqembu likaSmanga Mabaso leMsinga 4 Pipe Convoy ngoba iM4 “iwumfaniswano” weqembu, yize kukhona abanye abanezinye izinhlobo zezimoto.
Injini nogearbox kusebenza kahle. Isiteringi sithe ukuqumba sigcwala kamnandi esandleni. Uma uhamba kancane ngathi sithambile kodwa uma ushesha sinokuqina sijike eduze, uyizwe iya lapho uyikhomba khona. Emakhoneni iyabambelela futhi idonsa ngawo womane amasondo. Ngemuva izinqawe zikhipha umsindo omnandi sengathi ungalokhu uwuzwe njalo.
Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana ewu-4.7 futhi ijubane elikhulu wu-250km/h. Kanti nesuspension ithe ukuqina, awutshelwa ukuthi itiyela liyabheda emgwaqweni, uyazizwela. Kuphethroli ibidla amalitha aw-10.8 ngo-100km.
Ngaphakathi izihlalo zesikhumba zintofontofo futhi zihlelwa ngogesi. Inendawo yokushaja iselula ngaphandle kwentambo futhi kukhona ezinye ezimbili ngemuva. Inekhamera esiza uma upaka, park assist, reverse assistant, inkombandlela, digital instrument cluster nokunye.
Intengo:
BMW M440i xDrive Gran Coupé – R1 300 000