IMOTO: LEXUS IS 300h F-SPORT
UKUBE kuthiwa imoto ithengwa ngobuhle kuphela, angingabazi ukuthi iLexus IS 300h F-Sport ngabe idayisa okwamagwinya ashisayo.
Yinhle, iyawadonsa amehlo, kangikhathali noma ngabe umncane noma umdala.
I-grille yayo enkulu emnyama yiyo egqamile ngaphambili bese kuba namalambu eLED ayisibaca anama-daytime running lights. Amalambu ayakwazi ukuzikhanyisa kakhulu uma kumnyama abuye azinciphise uma kuqhamuka enye imoto. Ezinhlangothini isho ngamarimu angu-19 inch, ama-criss emzimbeni ne-chrome emawindini. Ngemuva nakhona amalambu ayiLED, i-spoiler nezinqawe ezimbili.
Ngaphakathi ibomvu ezihlalweni nasezicabheni nakwi-centre console. Yonke into iqinile, uyabona ukuthi izinga liphezulu. Izihlalo zangaphambili uyaziqandisa ubuye uzishisise uma kunesidingo.
Ifika ne-10.3 inch touch display entsha, okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto futhi isadlala neCD. Izipikha ngezeMark Levinson ezingu-17 futhi zikhala kamnandi, ziyagqoma.
KwaLexus basakholelwa kwi-touchpad yokulawula okubona kwi-screen njenge-laptop kodwa okuhle ukuthi i-screen siyi-touchscreen, okuyilapho ebengivele ngisilawule khona ngoba kulula.
Isikhala asiswelwa ngoba ivulekile futhi nebhuthi inkulu. Izihlalo uyakwazi ukuzilalisa ukuze isikhala sande. Isipele ebhuthini ngigcine ngingasibonanga.
Injini ingu-2.5 litre ehlanganise ekaphethroli nebhethri, okuthi uma kuhlangene kukhiphe amandla angu-164kW.
Uma uyidumisa iyazithulela, ibhale u-ready kwi-instrument cluster bese kuthi uma usunyakaza ibangana iqale idume injini kaphethroli. Amandla akhona, uyasibona isivinini sinyuka kodwa akukho simanga ngendlela ehamba ngayo. Lokhu mhlawumbe kungenxa ye-gearbox yayo eyiCVT, eshintsha kungezwakali noma uzishintshela kuma-pedal shifters. Emuva kwesiteringi, ayikho into ekitazayo. Uma uyinyathela mawala, uyizwa ibanga umsindo ngenxa yayo belu i-gearbox.
Inama-drive mode ahlukene (Eco, Normal, Sport S, Sport S+ and Custom)
Uma uzihambela kahle iyashibilika, intofontofo, ithule futhi iyanamathela emgwaqweni. Kuphethroli ibidla amalitha ayisikhombisa ngo-100km.
Njengomshayeli nabagibeli, nihamba nikhululekile ngoba kuningi okokunivikela enakho. Kubalwa i-active cruise control, iyasho uma iphuma emzileni, iyabika uma kunemoto eseceleni, inekhamera ngaphambili nangemuva esiza uma upaka futhi iyasho uma izoshayisa, ibhreke.
Izimbangi zayo, njengeBWM 3 Series, kusanda kwethulwa iMzansi Edition ukuzama ukuheha abathengi kanti neMercedes-Benz C-Class isiseMome.
Ikahle impela i-IS 300h F Sport ngobuhle nangokuqina kwayo kodwa ikhona into eshodayo ngasekukitazeni umshayeli uma efuna "ukudlala" ayinyathele mbijana.
Intengo
F Sport R916 100
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km ne-maintenance plan.