YIZE iLexus ibukeka sengathi ifanele abantu abadala kodwa nabasha bangayithokozela iLexus ES entsha.
Ubuchwepheshe nobuntofontofo bayo benza uyijabulele ngayo yonke indlela. Emgwaqweni ithule. Ingakudida kancane uma ungeyena umuntu ojwayele ezobuchwepheshe ngoba inavigation yayo, isebenza ngeWifi eyakhelwe kuyona. Uma uzoyisebenzisa kudingeka uqale ukwazi ukuyixhumanisa neselula yakho ngokusebenzisa ikhodi yayo efika nayo.
ILexus ES Sedan isineminyaka engaphezu kuka-30 ikhona, njengoba isanda kwethula eyesizukulwane sesikhombisa. Nasemgwaqweni inamandla kakhulu futhi iyabambelela phansi.
Iyimoto ethandekayo ngoba selokhu yabakhona isidayise ezingaphezu kuka-2.3 million emhlabeni. Idle ngobude bomzimba wayo kanti iwheelbase ingu-2 870mm lokho kwenza abagibeli babe nesikhala ngaphakathi futhi iyawadonsa amehlo.
Kumanje izinhlobo zayo ezikhona i-ES 250 kaphethiloli, i-EX ne-ES 300 hybrid SE. I-ES 250 ihamba ngo-2.5-litre kaphethiloli kanti injini namagiya ayisishiyagalombili azishintshayo. Inamandla angu-152kW no-243 Nm. Idla amalitha kaphethroli angu-6.6 ngo-100km futhi ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-9.1. Igcina ku-210km/h..
Kanti nayo i-ES 300h iwu-2.5-litha futhi Inamandla angu-160 kW kwazise ibuye ihambe nangebhethri elizishajayo. Lokhu kwenza idle amalitha kaphethroli angu-4.6 ngo-100km. Ikwazi ukusuka ku-0-100 km/h ngemizuzwana engu-8.9. Ijubane layo eliphezulu ngu-180 km/h.
Ngaphandle inamalambu ayi-LED. Inamasondo angu-17 no-18 inch. Inescreen se-infotainment esingu-12.3-inch okwazi ukuxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Isiteringi usihlela ngogesi ukuthi sime kanjani.
Kukhona nemibala emisha ongakhetha kuyona okuyiSonic Iridium, Sonic Chrome noGraphite Black etholakala kuzona zonke izinhlobo. Ayiwusebenzisi ukhiye kodwa uchofa ibhathini uma uyidumisa noma uyicisha. Inesunroof evuleka ngokuya phezulu noma emuva iphinde ibe nezimbobo zokushaja nge-USB, izipikha ezingu-10 kwi-EX nezeMark Levinson ezingu-17 Speaker audio (SE).
Iphephile futhi inama-airbags ngaphambili okungeyomshayeli nomgibeli kanti akhona nangasemadolweni ngaphambili nama-curtain airbags. Inekhamera yokubona ngemuva uma upaka, cruise control, amablind spot monitor nokunye.
Intengo:
Lexus ES 250 EX - R719 400
ES 300h EX - R774 400
ES 300h SE - R948 400
Iphuma egaraji newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km neMaintenance Plan.