IMOTO: BMW X3 M40i
ISIQALILE imigubho ehambisana nokuhlangana kweminyaka engu-50 kwasungulwa iBMW M GmbH okuwuphiko lwezimoto ezinamandla zakwaBMW.
Umgubho omkhulu uzoba ngoMeyi 24 futhi unyaka odlule bawusonge behambela phezulu kwazise badayise kahle.
Enye yezimoto ezenze u-2021 waba muhle kubo yiBMW X3 M40i okuqale ukudayisa ethuthukisiwe ngasekupheleni konyaka.
Ifika nenjini ejwayele ukusetshenziswa kwezinye zezimoto zakwaBMW M GmbH, engu-3 litre six-cylinder ekhafula amandla angu-285kW netorque engu-500Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.5 kanti ijubane elikhulu livalwe ku-250km/h.
Ngokudlule ngike ngabika ngeX3 xDrive 20d ngathi yiyo engingayithatha uma kuwukuthi ngifuna amandla nokonga kwazise iyawuhogela udizili. Kulena nokho kunejubane lesambane, ukuduma okumnandi nokungathi ungalokhu ukuzwile kwazise izikhathi zakho seziya ngokuphela njengoba kungenisa izimoto zikagesi nje. Ukhumbule ukuthi ukunyathela kwakho mawala nophethroli wehla mawala.
Ugearbox uzishintshela ngesikhathi esifanele isikhathi esiningi benguwuyeka uzenzele kodwa uma uthanda akhona ama pedal shifters ngemuva kwesiteringi futhi awathathi sikhathi ukushintsha uma uwathinta. Isiteringi sigcwala kamnandi esandleni futhi ikhona iyalibamba ngale kokuthi kulale umzimba.
Ubunjalo bomgwaqo uyabuzwa ngenxa yokuqina kwayo kancane futhi namasondo ayisibaca angu-21 inch.
Ingaphambili balenze kabusha kwigrille ethe ukuba nkudlwana yase iphicwa ngechrome. Inamalambu eLED. Igrille le inombala omnyama ocwebezelayo omesha kahle nezibuko, amaroof rails nasezansi kubhampa. Amalambu nezinqawe ngezinye zezinto ezishintshile kanjalo nalo mbala omusha uBrooklyn Grey oyenza ibukeke kahle.
Izinga nangaphakathi liphezulu futhi akuyona imoto ekujabulisa ngokuyishayela nje kepha iyazifeza izidingo zokuba yimoto yomndeni kwazise ivulekile. Izihlalo zonke ziyisikhumba futhi okhakhayini kunapanoramic sunroof. Uma iselangeni kungena ukushisa ngaphakathi uma ikakhulu uma ungayivalile ikhava futhi ngizame ukuvula amawindi ngokhiye ngisengaphandle ngahluleka ngithi ngifuna kuphume ukushisa kuqala.
I-aircon nokho isebenza ngokushesha ukuze kuphole kahle.
Inetouchscreen infotainment system engu-12.3 inch okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, ithumela ama-update emoto nge-internet, iveza inkombandlela nokunye.
Kwezokuphepha uma uthanda ufaka iDriving Assistant Professional eyenza ibe ne-Active Cruise Control futhi iyakusiza uhlale emzileni. Uma ungena endaweni yokupaka iyakhumbula ungene kanjani bese iyazihlehlela futhi uma uthanda uyakwazi ukuqopha ama-video alapho ikhona.
Intengo:
BMW M40i - R1 400 000