IMOTO: CHERY TIGGO 7 PRO
ICHERY South Africa yethula iSport Utility Vehicle (SUV) yesithathu emakethe yakuleli, iChery Tiggo 7 Pro.
ITiggo 7 Pro ingena phakathi kwencane iTiggo 4 Pro, ebe yimoto yokuqala yenkampani ebuye ngayo eNingizimu Afrika, ekupheleni konyaka odlule ngemuva kokunyamalala, neTiggo 8 Pro elayisha abagibeli abayisikhombisa efike nonyaka.
Ngeke udideke ukuthi yiChery ngenxa yegrille enkulu enechrome njengakwezinye zakwabo. Iphinde ibe namalambu angamaLED namarimu angu-18 inch. Uyakwazi ukukhetha uhlobo oluthandayo phakathi kweDistinctive ne-Executive efika nesunroof.
Inothe ngezinto eziningi njengebhuthi evuleka ngogesi, izicabha ezizikhiyayo uma usuka eduze kwayo noma zivuleke uma ukhiye useduze, uma usuka futhi iyazivala amawindi kanti inezibuko ezifudumalayo eceleni.
Ezokuphepha abazifakile zihlanganisa ama-airbag, amabhreki e-ABS, Electronic brakeforce distribution, Emergency brake assistance, Hill start assistance, Hill descent control, kuthi kwi-Executive kwengezwe iLane departure warning, Front collision warning ne-Automatic emergency braking.
Ngaphakathi akekho ongakhononda ngesikhala ngoba ivuleke kahle futhi nabahleli ngemuva abampintsheki emilenzeni. Njengoba befuna ibange abathengi nezimoto ezifana neHaval H6, Toyota Rav4, Mazda CX-5 noHonda CR-V, vele kumele kube yimoto evulekile.
Isikhala ebhuthini singu-475 wamalitha kuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-1 500 wamalitha. Izihlalo ziyisikhumba futhi esomshayeli sihlelwa ngogesi. Inetouchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto iphinde iveze nengaphandle ngoba inamakhamera. Uyakwazi ukuyilawula ngokuyitshela ukuthi yenzeni njengokuvula amawindi. Inedigital instrument cluster bese iba nezindawo zokushaja nge-USB ngemuva nangaphambili neyokushaja ngaphandle kwentambo.
ITiggo 7 Pro ihamba ngenjini engu-1.5 wamalitha turbo kaphethroli enamandla angu-108kW netorque engu-210Nm. Isebenziswa ugearbox ozishintshayo oyiCVT. Ishintsha kahle kodwa njengezinye ezinalo gearbox, uma uyinyathela mawala ibanga umsindo kodwa ugearbox wayo ukahle. Emgwaqweni ithanda ukuzwela amabhampu kodwa hhayi kakhulu.
Lapho ixega khona njengalezi ezifike ngaphambi kwayo, yindlela edla ngayo uphethroli. Bathi ngo-100km idla amalitha angu-10 nokuyinto ephezulu.
Intengo:
Distincion – R409 900
Executive – R444 900
Zonke zifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km, roadside assistance yeminyaka emihlanu, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km newarranty yenjini yeminyaka engu-10 noma u-1 million km.