YIZE ukusebenzisa i-antifreeze noma icoolant emotweni kusiza ekugcineni amazinga okushisa enjini ekahle kodwa kungayibulala imoto uma unganakile.
URewald Ranft onguSihlalo weMotor Industry Workshop Association (MIWA), uthe abantu abaningi bakholwa ukuthi i-antifreeze iyasiza ukugcina amanzi kwiradiator nasenjinini ukuthi engabi yiqhwa uma kubantu.
"Yize lokho kuyiqiniso kodwa iphinde ibe nomsebenzi wokwenza amaphathi ukuthi abe manzi njenge water pump. ISummer coolant yona inciphisa amathuba okuthi injini ishise ngokweqile uma kushisa."
Uqhube wathi izinjini zakamuva zinamaphaseji amancane okudlulisa icoolant ukuze injini ihlale ipholile. Uthe lokhu akugcini kuphela ngokwenza ukushisa kube kahle kodwa kusiza nokuthi kungabi khona izinto eziwukungcola ezinamathela khona nokuthi iguge ngenxa yokoma.
Uthe yize ukusebenzisa i-antifreeze noma isummer coolant kungaba yimpendulo yokuthi injini ibe kahle kodwa kumele abantu bangasebenzisi noma yiyiphi abayibonayo.
"Kungaholela ekutheni kube nomonakalo omkhulu kumaphathi enjini afana newater pump, radiator ngisho necylinder head.
Uqhube wathi iSouth African Bureau of Standards (SABS) inemigomo emibili ye-antifreeze. Eyokuqala yiSANS/SABS 1251 lapho kumele ixutshwe khona namanzi ahlanzekile ngokufaka isikalo sika-50/50 (1:1) noma u-33.3/67.7 (1:2). Eyesibili yiSANS/SABS 1839 okuyicoolant esivele ifakwe amanzi ngokwesikalo esingu-40/60 futhi esikulungele ukusetshenziswa ngaphandle kokuphinde ixutshwe.
Uthe nanka amathiphu angasiza:
- Thenga enegama endaweni ethembekile ugweme eshibhile okungenzeka ukuthi isixutshiwe.
- Uma une hydrometer ukubheka icoolant. Futhi bheka izinto okungenzeka ukuba ziyantanta kwicoolant nokuthi ubheke izinto ezimhlophe ikakhulukazi kumaradiator e-aluminum.
- Icoolant kumele ishintshwe kanye ngemuva kweminyaka emibili noma emihlanu. Ukuba necoolant eyisikalo esikahle kubalulekile. Ukuba nencane kungenza ukuthi injini ishise ngokweqile.
- Khumbula ukuthi i-antifreeze inobungozi kubantu nasezilwaneni. Yenza isiqiniseko sokuthi uyilahla kahle i-antifreeze.