IMOTO: BMW 3 SERIES
NGEMUVA kweminyaka emine yethulwa, iBMW 3 Series entsha isithuthukisiwe yengezwa nokunye.
I-3 Series ibonakale embukisweni, iParis Motor Show, eFrance, ngo-2018 ngaphambi kokuqala ukudayisa eNingizimu Afrika ngoMashi ka-2019.
Ishintshwe indlela ebukeka ngayo ngaphambili kwigrille kanjalo namalambu angamaLED. Nangemuva bayishintshile indlela ebukeka ngayo nasezinqaweni. Izinhlobo zifika namarimu angu-17 inch kodwa uyakwazi ukukhetha owathandayo amakhulu.
Uma uthanda ufaka iM Sport package eshintsha indlela ebukeka ngayo ngaphambili kwigrille, kuma-apron ngaphambili nangemuva kanjalo namarimu angu-18 inch. Ama-3 Series anamandla wona afika namarimu angu-18 inch kodwa uma uthanda ufaka angu-19 inch, izibuko zacemaceleni ezimnyama nezinqawe ezihlukile.
Sekukhona neM Sport package Pro owengeza ngayo iM Sport package bese ishintsha amalambu namabhreki anamacalliper abomvu.
Kuphinde kwengezwa nemibala emisha obizwa ngoSkyscraper Grey noM Brooklyn Grey otholakala nakwiX4 M40i entsha.
Ngaphakathi bayishintshile indlela ebukeka ngayo ngaphambili kwi-instrument cluster ne-infotainment system njengoba zonke zineBMW Live Cockpit Plus. Indlela igiya eliyi-eight-speed Steptronic elimi ngayo nalo lishintshiwe. Zonke izinhlobo zifika neclimate control ehlukile, isibuko sangemuva esizidimayo namasensor ngaphambili nangemuva asiza uma upaka.
Izinjini zihlobonhlobo futhi zinamandla aphakathi kuka-110kW no-285kW futhi zinogearbox oyi-eight-speed ozishintshayo.
Ezokuphepha zihlanganisa ukuthi ibike uma izoshayisa futhi ibhreke, cruise control, speed limit, iyasho uma uphuma emzileni nokunye.
I-BMW 3 ethuthukisiwe izotheleka eNingizimu Afrika ekupheleni kwekota yesithathu yonyaka.