IMOTO: BMW 128ti
UFEBHUWARI waziwa njengenyanga yothando kwazise usuku lwezithandani lungayo le nyanga.
KwaBMW South Africa nokho uzobe usho ukuhlangana konyaka kwethulwa iBMW 128ti yokuqala.
Anginazo izibalo zokuthi kudayiswe amangaki kodwa yona sengihlangane nayo isikhawu emgwaqeni. Ezinye zisuke zingezezinkampani zonogada futhi ezinkundleni zokuxhumana ngike ngabona ezinemibala yamaphoyisa akwaSAPS.
Phela i-128ti le, imbangi yayo enkulu yiGolf 8 GTI futhi iGTI liyaziwa ngokuthi alithengwa ngabantu kuphela kepha nezinkampani zonogada namaphoyisa ayazithanda.
Azithandela ukuthi zincanyana kodwa zinamandla nejubane emgwaqeni.
Inenjini engu-2.0 turbocharged petrol enamandla angu-180kW (njengeGolf 8 GTI) netorque engu-380Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-eight-speed Steptronic Sport transmission, othumela amandla emasondweni angaphambili. Kuyithatha imizuzwana engu-6.3 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h nokuyinto okulula ukuyikholwa uma uyishayela.
Ususpension uthe ukuqina kodwa ayizweli kangako emabhampini mhlawumbe njengeHyundai i30N.
Uma usuyinyathela yemukela ngokushesha ubone isivinini sinyuka mawala futhi ine limited slip differential. Ijika ilihlala thaqa ngisho isivinini siphezulu futhi ngokujikisa isiteringi uyalizwa ikhala liya lapho uyikhomba khona.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-9.1 ngo-100km.
Ngaphandle iyabukeka inamarimu angu-18 inch namabrake calipers abomvu. Lo mbala obomvu umesha nemihlobiso yayo ekubhampa ngaphambili isezinhlangothini ezansi nangemuva.
Ngemuva kunezinqawe okuthi uma imoto isifudumele kahle zidume kamnandi hhayi kuhle kweVrr Pha. Ngemuva futhi ufica ispoiler okhakhayini.
Amalambu angamaLED ngemuva nangaphambili.
Ngaphakathi inezitishi ezibomvu ezihlalweni yase iqoshwa no ti endaweni yezingalo, phakathi nendawo. Izitishi zikhona nasesiteringini.
Ngaphambili inescreen se-intotainment system esiveza inkombandlela futhi uxhume iselula nge-Apple CarPlay.
Ukuvuleka kwayo ngaphakathi kuyafana ne-1 Series ejwayelekile njengoba isikhala ebhuthini singu-380 litres.
IBMW 128ti ikushiya wenelesikile ngemuva kokuyishayela.
Intengo:
BMW 128ti - R699 500