IMOTO: BMW M8 COMPETITION GRAN COUPE
INDLELA engingachaza ngalo iBMW M8 Competition Gran Coupé wukuthi iyibhoklolo emgwaqweni!
"Ungena manje eGoli la." "Isilwane lesi, razo."
Bebesho kanje abanye uma beyibona. Uma udlula kuyabatshazwa emgwaqweni umshayeli ophambi kwakho kuba ukukubona nje esibukweni bese eyaqhasha nokuyingakho ngithi yibhoklolo elifuna ukunakwa nokuhlonishwa ngenkani.
InamaLED headlights nama-air intake amakhulu. Ine-carbon kubhampa, ezibukweni, okhakhayini, kwi-spoiler nakwi-diffuser ngemuva. Konke lokhu kwenzelwa ukunciphisa isisindo sayo. Amarimu angu-20 inch bese iba nezinqawe ezine ngemuva othi uma uyidumisa ekuseni kuvuke omakhelwane. Uyakwazi ukuzivala kodwa zidume kancane ukuthi uma uke wayicisha iyakhohlwa.
Yinde iwuhuntshu bese ikhasa phansi. Ubhonethi mude nokuyilapho kunenjini engu-4.4 litre V8 khona. Le njini ikhafula amandla angu-460kW ne-torque engu-750Nm. Iqhasha ihlale lapha kwazise kuyithatha imizuzwana engu-3.2 kuphela ukuthi ifike ku-100km/h. Kuwubala kakhulu kuyo ukweqa esivinini esikufaka endlini emnyama njengoba sigcina ku-305km/h
Uma ishintsha amagiya ku-gearbox oyi-8 speed auto, ayigcini kuphela ngokuqhuma ezinqaweni ngemuva kodwa uzwa ikuphushela esihlalweni mbijana. Uma uthanda uzishintshela wena ngemuva kwesiteringi.
Okumnandi ngayo ukuthi idonsa ngawo womane amasondo nokwenza inamathele emgwaqweni, ikakhulu uma ushaya amakhona ngesivinini futhi ikhala liya lapho ulikhomba khona. Uma uthanda nokho uyakwazi ukuyenza idonse ngawangemuva kuphela.
Lapho efike ingigeze khona ubebebe yindlela ebhreka ngayo. Amabhreki abamba ngokushesha njengoba inamaM compound brakes futhi ineBrake Assist esiza ukuthi ibanga elithatha ngokuma libe lifishane.
Inamandla injalo kepha akuyona imoto yokuyodlala enkundleni yezimoto zomjaho kuphela kepha kungaba yimoto yansukuzonke kwazise ine-adaptive suspension. Emgwaqweni iyazwela emabhampini futhi kuphethroli ibidla amalitha angu-20.8 ngo-100km yize kwaBMW bathi idla angu-10.6. Inkinga ukuthi yonke indawo lapho ngihamba khona abantu bafuna ukuzwa izinqawe.
Ngaphakathi uyayibona futhi uyayizwa ukuthi yimoto yomntakabani. Ikahle ngoba inezicabha ezine futhi akudingi ukuthi uzishaye, uyazibeka nje bese ziyazivalekela. Izihlalo ziyisikhumba futhi isikhumba sikhona nasezicabheni. Ngemuva ihlala kahle abagibeli ababili kowesithathu usuke usumpintshisa nje kwazise phakathi nendawo yilapho ulawula khona i-aircon bese iba nezimbobo ezimbilu zokushaja. Uma ungemuva uyakwazi ukuvala amakhethini ungabonakali.
Ngaphambili izicabha ziyafudumala nesiteringi, ine-intrument cluster engu-12.3 inch ne-10.25 inch control display, Head-Up Display, iyazihambela ibhreke uma kunesidingo futhi izijikise nesiteringi, iyakusiza uma upaka futhi inamakhamera umzimba wonke nokunye okuningi.
Intengo
R3 403 300
Ifika neMotorplan maintenance contract yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.