IMOTO: BAIC BEIJING X55
IMIBIKO ithi zingaphezulu kuka-100 izinkampani zaseChina ezitshale imali eNingizimu Afrika.
Lezi zinkampani zenza imikhiqizo ehlukene futhi nakwezezimoto zingene zagamanxa. Muva nje, izinkampani zakuleliya zwe azizibekile phansi ngezimoto zazo kuleli ezilokhu zande njalo emigwaqweni njengoba abantu bekhombisa ukuzithanda.
Enye yazo yiBaic engagcini kuphela ngokuletha izimoto kodwa ebuye izikhiqize nakuleli njengoba inefemu eGqeberha, e-Eastern Cape.
Isiyethule iSUV entsha iBeijing X55 esiqalile ukutholakala emagaraji ale nkampani. Okwamanje amagaraji angu-14 ezweni lonke futhi KwaZulu-Natal kwi-website yakhona kuvela ukuthi akhona eThekwini, eRichards Bay, eMnambini nase-Estcourt.
IBeijing X55 Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiDynamic, Elite nePremium. Umehluko wazo yizinto ezifika nazo kodwa ezifana ngakho yinjini.
Zonke zinengu-1.5 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-130kW ne-torque engu-305Nm. U-gearbox ungumshini ozishintshayo oyi-7 speed dual-clutch transmission.
Ngesikhathi yethulwa eGauteng kuleli sonto, sithole ithuba lokuyishayela emigwaqweni eyahlukene. Ibizwakala ihamba kahle futhi ingenamsindo ngaphakathi nasemabhampini izama ukuthi ungazweli.
Obekukhalisa ngezimoto eziningi zaseChina yindlela ephezulu ezidla ngayo uphethroli. Kulena bathi idla amalitha angu-7.2 ngo-100km nokuyinto engeyimbi kakhulu.
Engikuthandile ngayo ukuthi inkulu kahle ngaphakathi nokwenziwa wubukhulu be-wheelbase njengoba ingu-2 735mm. Inkulu kuneyezimoto ezifana neVW Tiguan (2 678mm), Toyota Rav 4 (2 690mm) nomkhaya wayo iHaval Jolion (2 700).
Abagibeli banaso isikhala ngemuva nebhuthi inaso.
Ngaphambili uma uyithinta izwakala iqinaqinile kwi-dashboard nasezicabheni. Ayinamabhathini, kunalokho ine-touchscreen infotainment system engu-10.1 inch.
Cishe yiyona nto edinga isikhashana ukuthi ngiyijwayele. Yilapho udlala khona umsakazo, uhlela khona amazinga okushisa emotweni futhi uxhuma iselula nge-bluetooth.
Iselula awuyixhumi nge-Apple CarPlay njengasezimotweni eziningi, kunalokho ufaka i-app yakhona bese iselula ivele kulesi screen injengoba injalo. Bengithi uma ngilandela inkombandlela ekwiselula umculo ngingakwazi ukuwudlala nokuyinto eyenza kube nzima. Idinga isikhashana ukuthi uyijwayele.
Iphinde ibe ne-digital instrument cluster okwaziyo ukuyishintsha ukuthi ikuvezeleni.
Izihlalo zihlelwa ngogesi futhi ziyakwazi ukushisa ziphinde zibande, inezimbobo ezintathu zokushaja nge-USB, ama-airbag ayithupha, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, panoramic sunroof nokunye.
Ngaphandle iyawadonsa amehlo futhi kunemibala ehlukene okhetha kuyo okubalwa kuwo nophuzi nokuhlaza okwesibhakabhaka. Izibambo zezicabha zifihlekile, zivela uma usuyivula wena owabona iRange Rover Velar. Amasimu angu-18 inch nangu-19 inch futhi inamalambu angamaLED.
Intengo:
Dynamic – R394 900
Elite – R424 900
Premium – R454 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km nenye yenjini eyengezwe ngeminyaka emibili no-50 000km ngaphezulu.