IMOTO: VOLKSWAGEN POLO
IVOLKSWAGEN Polo, yimoto engadinge kwethulwa ngoba yaziwa ngabantu abaningi futhi iyinyama kubathengi emhlabeni.
Empeleni le moto, osekudayiswe eziwu-448 000 emhlabeni, ihlale isematheni kubantu ngezizathu ezahlukene. Phezu kokuthi ibalwa nezimoto ezidayiswe kakhulu eMzansi, nasemhlabeni ngonyaka odlule kodwa lokho akusho ukuthi kumele basonge izandla abakwaVW. Kuyacaca ukuthi beyipheka ngomhluzu wenye!
Ukuthengwa kwePolo nePolo GTI kuleli, nakwamanye amazwe, kufukula umnotho wezwe ngoba ikhiqizwa efemini yakwaVW eseKariega, e-Eastern Cape. Kuthi umthamo omningi womkhiqizo wezimoto, uthunyelwe kwamanye amazwe.
Ngingakayi kude, lena yiPolo 6 eyethulwe ngo-2018 yabe isiyathuthukiswa kabusha.
Yingakho ibukeka icishe ifane ngaphandle kwezinguquko ezenziwe. Ubhampa wangaphambili nangemuva ushintshile. Amalambu angamaLED futhi kukhona agudla kwigrille kuhle kweGolf 8 GTI. Uma uthanda ufaka ama-IQ.LIGHT LED matrix.
Zine izinhlobo zayo futhi ezintathu zethiwe kabusha – iTrendline isibizwa ngePolo, iComfortline isiyiLife, bese kuthi iHighline ibizwe ngeR-Line. Eyesine yiGTI yona engashintshwanga igama.
Imibala ihlukene kasishiyagalombili.
Izinjini zihlukene kathathu futhi zonke ngezikaphethroli ezineturbo. Kune-1.0l TSI oyithola kwiPolo nePolo Life. Inamandla angu-70kW netorque engu-175Nm. Inogearbox oyi-5 speed manual.
IPolo Life nePolo R-Line zinenjini engu-1.0l TSI enamandla angu-85kW netorque engu-200Nm. Zinogearbox ozishintshayo oyi-7 speed DSG.
Eyokugcina yiPolo GTI inenjini engu-2.0l TSI enamandla angu-147kW netorque engu-320Nm. Inogearbox oyi-7 speed DSG.
Kuya ngenhlobo oyithandayo kodwa izinto ephuma nazo zihlanganisa amalambu angamaLED (bathe bayibhekisisile indaba yokuthi ebiwa kalula futhi kukhona abakwenzile ukugwema lokhu), digital cockpit, touchscreen infotainment system eveza inkombandlela, isiteringi esisha esinamabhathini nokunye okuningi. Uma uthanda ufaka intandokazi isunroof, ikhamera ngemuva, nokunye.
Njengoba usukwazi ukufaka i-IQ.drive travel assist, lokhu kusho ukuthi uthola i-adaptive cruise control, eyenza ihambe ngejubane olikhethayo iphinde izibhrekele futhi iyakusiza ukuthi uhlale emzileni. Kanti inefront assist, egada nabahamba ngezinyawo abangase babe sengozini yokuthi ubashayise.
Ngesikhathi yethulwa kuleli sonto eGqeberha, ikhombisile ukuthi kungani iyintandokazi. Izinga liphezulu ngaphandle nangaphakathi futhi indlela ehamba ngayo emgwaqweni ibalwa nezimoto ezihamba phambili. Ithule, injini engu-1.0 litre 70kW inamandla, iyabambelela, iyonga futhi intofontofo.
Intengo:
Polo 1.0 TSI 70kW Manual R311 800
Polo Life 1.0 TSI 70kW Manual R350 000
Polo Life 1.0 TSI 85kW DSG® R370 700
Polo R-Line 1.0 TSI 85kW DSG® R421 900
Polo GTI 2.0 TSI 147kW DSG® R489 400
Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, iService plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-anti corrosion warranty yeminyaka engu-12.