IMOTO: VW POLO GTI
KUKE kwenzeke ukuthi uthi uyasiza uzama ukulungisa into kanti usuyona.
Kuze kube nenkulumo ethi ‘ungafuni ukulungisa uma kungonakele’. Lokhu kodwa ngeke ngakusho ngeVW Polo GTI ngoba izinguquko ezenziwe kuyo aziyoni kepha ziyenza ihehe kakhulu yize ibiseyinhle kwazise ayindala kakhulu ngoba yethulwe ngo-2018.
Uzokhumbula ukuthi iPolo isanda kushintshwa indlela ebukeka ngayo, yengezwa nezinto ezimbalwa kanti nomakhonya wawo, iPolo GTI, awusalanga ngaphandle.
Uma ubungazi, iNingizimu Afrika yiyo kuphela ekhiqiza le moto efemini yakwaVW ese-Eastern Cape.
Uzoqaphela ukuthi bayishintshe kubhampa ngaphambili nangemuva. Ushintsho olukhulu kodwa ngamalambu eLED. Ngaphambili iphuma nama-IQ. Light LED matrix obuwathola ezimotweni ezingaphezu kwayo njengeGolf GTI neTiguan. Ngale kokuthi akhanyisa kahle ebusuku kodwa wena njengomshayeli awulokhu uwanciphisa ukukhanya uma kuqhamuka enye imoto kodwa ayazenzela ukuze ungaxhophi abanye.
Ngaphakathi isiteringi sishintshile, ungathi eseGolf GTI. Namabhathini akhona uma uthanda awuwacindezeli kodwa uyahambisa umunwe nje phezu kwawo. Amabhathini lawo ngawokulawula umsakazo, cruise control, nokushintsha okuvezwa yidigital instrument cluster.
Naphakathi nendawo kushintshile ikakhulukazi lapho ulawula khona i-aircon negiya okufana nokweTiguan. I-aircon le umshayeli nomgibeli oseceleni bayakwazi ukuzifakela amazinga okushisa abawafunayo futhi izihlalo zangaphambili ziyafudumala.
Inetouchscreen infotainment system, idlala umsakazo, ixhuma iselula ngeBluetooth okanye nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, ubona ngemininingwane yemoto nokunye. Okuhle inkinobho yokunyusa noma ukunciphisa umsindo isekhona.
Esihamba ngayo inekhamera esiza uma uhlehla, isunroof, nezipikha zeBeats.
Ilayisha abagibeli abahlanu kodwa abane bahlala ngokukhululeka nesikhala ebhuthini sikhona ukufaka impahla.
Injini abayishintshanga. Kuseyiyo engu-2.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu-147kW netorque engu-320Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-6 speed ozishintshayo.
Inamandla impela ngoba iyashesha emgwaqeni. Kulula futhi nokuyenzisa iLaunch Control ukuze isukise okwenhlamvu ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-6.7. Ngiyizwe amandla eyenza amasondo aphenduke mawala lawa edonsa ngawo ngaphambili ishelela ngaphambi kokubambelela. Amagiya kungcono ezishintshele ngoba asebenza kahle nenjini kodwa uma ufuna ukuzibambela kumapedal shifters noma kulona igiya, ishintsha ngokushesha.
Njengoba ikhasa phansi ngo-15mm uma uyiqhathanisa nePolo elijwayelekile, lokhu kuyenza ibambelele emgwaqeni kwazise nosuspension uthe ukuqina. Lokhu kodwa kwenza amabhampu uwazwele enjengoba enjalo.
Amajika uyawashaya kungabi ndaba zalutho futhi nesiteringi siba nesisindo esikahle sijike kalula, ikakhulu uma uyifake kuSport. Ama-drive mode enawo ashintshe indlela ususpension ozwakala ngayo, isiteringi nendlela ijubane elithumela ngayo.
Ungalindeli ukuzwa ukuduma okumnandi kweVrrr Pha ngoba akukho njengakwiGolf GTI entsha.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.6 ngo-100km ngemuva kokuhamba u-674km emigwaqeni evulekile nasedolobheni.
IPolo GTI ayinantanga kwazise izimbangi azikho eNingizimu Afrika. Ijubane uyalithola, amajita ayakuhlonipha futhi nabesifazane abakuncishi amehlo kodwa intengo yayo ithe ukunyuka.
Intengo:
R489 400
Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.