IVOLKSWAGEN South Africa isenza ucwaningo ngokudayisa izimoto ezihamba ngogesi eNingizimu Afrika ngaphambi kokuziletha.
Lokhu kuvele ngesikhathi le nkampani imeme abezindaba eKariega muva nje lapho ibugubha khona iminyaka engu-70 iseNingizimu Afrika.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwaVW balethe ama-eGolf okungamaGolf ahamba ngogesi ukuze ezohlolwa kuleli. Ngesikhathi kunomgubho bekukhona i-ID.3 nayo okungenye yezimoto ezihamba ngogesi okudalulwe ukuthi zilethwe kuleli ukuze inkampani iqhubeke nocwaningo lwayo ngaphambi kokwethula izimoto zayo.
Kuvele ukuthi njengoba iVW iyinkampani yezimoto zabantu ngakho ifuna ukuthi zingambi eqolo izimoto zayo. Ngaleyo ndlela izothi uma isizethula izidayise ngohlelo lokuthi abantu baziboleke isikhathi esikaliwe (lease).
UStephen Knapp oyiNhloko yophiko lwePassenger Car uthe lokhu kuzosiza ekutheni abantu bakhokhe imali ephansi.
I-Audi South Africa, engaphansi kweVolkswagen Group, yona izoqala ngonyaka ozayo ukudayisa izimoto zikagesi. Izimoto ezozethula yi e-tron eyiSUV, sportback, e-tron GT neRS e-tron GT.
Kulo mgubho kudedelwe izimoto zakudala ezakhiwa efemini yakwaVW kuleli. Phakathi kwazo yimoto yokuqala iBeetle eyakhiwa ngo-1951, i-Audi 100, Golf 1 GTI, Citi Golf, Kombi nezinye.