IMOTO: TOYOTA RAV4 PLUG-IN HYBRID
I-TOYOTA Motors South Africa, yethule amaRav4 plug-in hybrid vehicle (PHEV) ayisishiyagalombili ngenhloso yokuwavivinya eNingizimu Afrika.
AmaPHEV asebenzisa injini kaphethroli nekagesi. Umahluko wawo kwihybrid ejwayelekile ukuthi ishajwa ngogesi futhi ibhethri libuye lizishaje uma ihamba.
LamaRav4 awakwadayisi okwamanje kodwa inkampani ithe ayikanikezwa ngisho isitokwe yikomkhulu layo. Ithe inhloso ukwenza ucwaningo ngawo ukuthi asebenza kanjani, ukuqwashisa abantu nokubheka ukuthi iyiphi ingqalasizinda edingekayo ngaphambi kokuwethula.
Ithe amagaraji ayo amakhulu eGoli, azofakwa izindawo zokushaja. IToyota isemkhankasweni wokwandisa izimoto ezinobuchwepheshe besimanje yathi i-Urban Cruiser Hyrider hybrid edayisa e-India, ingase iyethule nakuleli.
IRav4 PHEV inenjini kaphethroli engu-2.5 litre nebhethri elisebenzisa izinjini ezimbili zikagesi. Amandla ahlangene angu-225kW. Ibhethri uma ligcwele bathi uhamba ngaphezu kuka-65km ngalo lodwa futhi nophethroli uma ugcwele ungahamba ngaphezu kuka-800km.
Uma uhamba ngayo iyazithulela injini kaphethroli ize iqale ukusebenza uma isivinini sesidlula ku-135km/h. Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-1.15.
Uma ihamba iyazishaja kodwa uma uyishaja ngogesi wasendlini bathi ithatha amahora aphakathi kwayisikhombisa nayisishiyagalolunye.
Intengo yayo ayikho.