NGEMUVA kwesimemezelo ebasenze ezinyangeni eziyisithupha ezedlule abeStellantis, sebeqinisekisile ukuthi ifemu yabo yokukhiqiza izimoto izokwakhiwa eSouth African Special Economic Zone (Sez) ngaseGqeberha, e-Eastern Cape, futhi izokhiqiza iveni.
I-Stellantis yinkampani ephethe iJeep, Citroen, Fiat, Opel, Alfa Romeo, Peugeot nezinye.
Imemezele ukuthi ibheke ukuthi ifemu kuphele ukwakhiwa kwayo ngo-2025. Imoto yokuqala ezokwakhiwa yiveni ngo-2026 futhi ifemu izokwazi ukukhiqiza izimoto ezingu-90 000 ngonyaka.
UNgqongqoshe woMnyango wezoHwebo neziMboni, uMnuz Ebrahim Patel, uthe kuwusuku oluhle kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika uma inkampani enkulu ikhetha ukwandisa indawo yokukhiqiza eNingizimu Afrika.
"INingizimu Afrika njengamanje ikwazi ukukhiqiza izimoto ezilinganiselwa ku-700 000 ngonyaka. Lokhu kuzokwandisa umthamo.
Izwe liyindawo ekahle yokutshala imali futhi lokhu kuzibophezela kweStellantis ekutshaleni imali embonini yezimoto kukhombisa impumelelo yemigomo yethu yezokukhiqiza," kusho uPatel.
Isikhulu seStellantis Middle East and Africa, uMnuz Samir Cherfan, sithe bayajabula ngesivinini uhlelo oluhamba ngaso.
"Lolu hlelo lukhombisa ukuzibophezela kwethu nokuthemba iNingizimu Afrika njengenye yezimakethe zethu ezibalulekile e-Afrika naseMiddle East.
Luyisiqalo seqhinga lethu, iDate Forward 2030 Strategy lokuthola ingxenye yemakethe engu-22% kulesi sifunda ngo-2030," kusho uCherfan.
Ukuvulwa kwefemu yabo kulindeleke ukuthi kudale amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-1 000.