IMOTO: AUDI S3 SPORTBACK
NGESIKHATHI kusalindwe i-Audi RS3 ezofika ngonyaka ozayo nehlome ngenjini yodumo engu-2.5 litre TFSI, ikhona etholakalayo futhi inamandla okuyiS3.
I-S3 iqale ukudayisa kuleli ngo-Agasti 3, futhi ingena phakathi kwe-A3 neRS3 enamandla. Ifika nenjini engu-2.0 litre TFSI enamandla angu-213kW netorque engu-400Nm. Idonsa ngogearbox ozishintshayo oyi-7 speed S tronic othumela amandla kuwo wonke amasondo kwazise iyiquattro.
Igiya liyisinqamu uma ulibuka kodwa lijwayeleka kalula futhi uma uthanda uyakwazi ukuzishintshela wena esiteringini. Iyashesha emgwaqweni kanti kuyithatha imizuzwana engu-4.9 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h futhi ijubane elikhulu ngu-250km/h.
Emakhoneni uya ngokuzethemba ngoba isiteringi sinesisinjwana futhi uma uyijikisa ikhala liya lapho uyikhomba khona. Uma uya ngamandla kakhulu nokho uyayizwa izama ukunamathela phansi ngamasondo ayo anamarimu angu-19 inch ukuze ingakuphunyuki.
Inezinqawe ezine impela kodwa ngenxa yemithetho elawula imisindo azibhongi kakhulu yize ukhona umsinjwana omnandi eziwukhiphayo.
Ngakuphethroli ibidla amalitha angu-13 ngo-100km. Amadrive mode ayo ahlukene ashintsha indlela ehamba nezwakala ngayo.
I-S3, ongayiqhatha nezimoto ezinjengeMercedes-Benz A35, neBMW M235i, iyalingana ne-A3 ngosayizi umehluko ukuthi yona isporty. Lokhu kuyenza ibeyimoto ekahle yansuku zonke.
Uma uyiqhathanisa nendala, iwheelbase iyalingana. Abagibeli ngaphakathi bahlala kahle nesikhala ebhuthini singu-325l.
Inezinto eziningi ezinye okumele wengeze imali ukuze uzithole. Ngibala ipanoramic sunroof, izihlalo zangaphambili ezifudumalayo, iyasho uma uphuma emzileni, iyakusiza uma upaka, izipikha zeBang & Olufsen, Matrix LED headlamps, MMI Navitagition Plus nokunye.
IS3 ibhalanse kahle ekubeni yimoto yansuku zonke ebukekayo futhi enamandla ngesikhathi owadinga ngaso.
Intengo:
R795 000
Ifika ne-Audi freeway plan yeminyaka emihlanu.