BAZOPHUMA behlome ngamava azobabeka emathubeni angcono okuthola umsebenzi abantu abasha angu-16 abazoqeqeshwa yinkampani yezimoto iLegacy Motor Group (LMG) emikhakheni ehlukene.
Laba bantu abasha, abadabuka ezindaweni ezahlukene eGauteng okubalwa kuzo iSoshanguve, Mabopane, Hammanskraal neMoloto, bangane ngokohlelo olwethulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, iYES4YOUTH. Lolu hlelo lunikeza abantu abasha ithuba lokufunda ngomsebenzi izinyanga ezingu-12.
UDkt Althear Foster weLMG, uthe njengenye yezinkampani zezimoto ezihamba phambili eNingizimu Afrika, bazibophezele ekuthuthukiseni imboni nemiphakathi abasebenzela kuyo.
“Sijabule ngokwamukela abantu abasha abangu-16 eLGM abazothola amava okusebenza emikhakheni eyahlukene yamabhizinisi ethu,” kusho uFoster.
Uthe laba bantu abasha bazosebenza emikhakheni okubalwa kuyo eyakwandabazabantu, eyezimali, ukudayisa, indlela yokuphatha amakhasimende, yilapho kulungiswa khona izimoto neminye.
“Sikubheke ngabomvu ukuthola imiphumela emihle ngalolu hlelo. Wonke amabhizinisi aphumelele njengawethu, aphumelela ngenxa yabantu. Ngakho ibalulekile imikhankaso efana nalena esiza ukwenza umehluko emiphakathini nasemnothweni,” kuphetha uFoster.
ILGM yinkampani yabantu abamnyama enamagaraji, iningi lawo adayisa amaBMW, ePitoli, eGoli nakwezinye izindawo. Ibuye idayise izimoto ezingamasekeni, ilungise ezilimele nokunye.