KUZOKWEMBULEKA ikhasi elisha kwa-Audi South Africa ekuqaleni kuka-2022 njengoba le nkampani ithembisa ukwethula izimoto eziyisithupha ezihamba ngogesi kuphela.
Emhlabeni jikelele izinkampani zimemezela ukuthi eminyakeni embalwa ezayo zizobe sezakha izimoto ezihamba ngogesi kuphela.
I-Audi izibophezele ekutheni ngi-2026 zonke izimoto ezintsha ezozethulwa emazweni omhlaba zizobe zihamba ngogesi.
"Emhlabeni zonke izinkampani zimemezela izinhlelo zokuhoxisa izinjini zikaphethroli nodizili ukushintshela imboni isikhathi esizayo," kusho uSascha Sauer oyiNhloko yakwa-Audi South Africa.
Izimoto ezizokwethulwa yizinhlobo zama e-tron eziyisithupha okuyi e-tron 50 ne e-tron 55 ezingamaSUV, amaSUV/CUV amancane i e-tron Sportback 55 ne e-tron Sportback S, bese kuba ezejubane i e-tron GT neRS e-tron GT.
Sekunesikhashana kubikezelwa ukuthi i e-tron SUV isendleleni njengoba ngesikhathi yethulwa phesheya ngo-2019, kwa-Audi kuleli bakuveza ukuthi izoza futhi kwakubhekwe ize ekupheleni konyaka odlule noma kulo nyaka njengoba sekuvela ukuthi izoza ekuqaleni kozayo.
Imininingwane ephelele nentengo kuzomenyezelwa uma sezizokwethulwa.