IYAQHUBEKA imizamo yokuthi abantu bangabi navalo lokulala emgwaqweni ngenxa yokuphelelwa yibhethri njengoba i-Audi South Africa iphothule ukwakha izindawo ezintsha zokushaja.
I-Audi, ibambisene neGridCars, iphothule ukwakha izindawo ezingu-33 zokushaja izimoto ezihamba ngogesi kuphela ama-electric vehicle (EV) eNingizimu Afrika.
Lezi zikhungo zinezindawo ezingu-70 zokushaja. Zinamandla aphakathi kuka-22kW (AC) nasheshayo angu-150kW (DC).
I-Audi ithe akukhathalekile ukuthi uhamba ngemoto yayiphi inkampani kodwa bonke abashayeli bengazisebenzisa.
“I-Audi izibophezele ekutheni abashayeli banoma ngabe yiyiphi i-EV bahamba ngokunethezeka ezweni ngokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda ikhona ukubeseka noma ngabe bahamba ngayiphi imoto,” kusho iNhloko yakwa-Audi South Africa, uSascha Sauer.
Uthe lokhu kuzogqugquzela abantu ukuthi bathenge ama-EV eNingizimu Afrika.
Izindawo zokushaja ezinamandla angu-150kW (DC) zenza ukuthi uma ushaje imizuzu elinganiselwa kwengu-30 ukwazi ukuhamba ibanga elilinganiselwa ku-340km.
Zitholakala kulezi zindawo:
1.N1 - Colesburg, Caltex, Northern Cape
2.N2 - Mosselbay, Langeberg Mall, Western Cape
3.N3 - Tugela North, Engen, Kwa-Zulu Natal
4.N4 - Riverside Mall, Mbombela, Mpumalanga
Ezingu-80kW (DC) ezenza ukwazi ukuhamba ibanga elilinganiselwa ku-185km ngokushaja imizuzu engu-30 zona zikulezi zindawo:
Izindawo zokushaja ezingu-22kW KwaZulu-Natal bazifake enxanxatheleni yezitolo iCornubia, eThekwini, eSelborne Hotel & Golf Club ePennington naseCedar Garden B&B, e-Underberg nakwezinye izifundazwe.