I-Automibile Association (AA) ithi yize uhulumeni enemikhankaso ngezikhathi ezithile zonyaka njengePhasika kodwa kuningi okumele kwenziwe ukunqanda izingozi zomgwaqo eNingizimu Afrika.
Ithe uhulumeni kumele avume ukuthi imikhankaso yezikhathi ezithile zonyaka, yize kunezinhloso ezinhle ngayo, ngeke isebenze uma kungaqinisekiswa ukuthi imithetho iyalandelwa futhi kungafundiswa ngokuphepha mihla namalanga.
“Ukushayela kabi kungashintsha uma kuhlala kwenziwa isiqiniseko sokuthi imithetho yomgwqo iyahlonishwa futhi uma lokhu kungenziwa kuwo wonke amasonto awu-52 onyaka, lincane ithemba loshintsho emasontweni amabili noma amathathu ePhasika noma ekupheleni konyaka,” kusho i-AA.
Ithe ngo-2022 kwafa abantu abangu-161 ezingozini zomgwqo ngePhasika isibalo saba ngu-225 ngonyaka odlule.
Ithe ucwaningo luveza ukuthi izingozi zidla izigidi zamaRandi emgwaqweni ngakho kuyinto ebaluleke kuwo wonke umuntu ukwenza isiqiniseko sokuthi lokhu kuyashintsha.
Iqhube yathi uhulumeni kumele abheke iziphakamiso zokwandisa amaphoyisa omgwaqo ngo-50% bese eyanda emehlweni abantu ikakhulukazi emigwaqweni emikhulu futhi kube nemikhankaso yokufundisa ngokuphepha ezikoleni.
I-AA ikhiphe amathiphu okuphepha:
- Qaphela isivinini ohamba ngaso.
- Bonke abagibeli mabafase amabhande.
- Bheka izibuko zokubona emuva ngaso sonke isikhathi.
-Yima uma ukhathele.
- Yeka iselula amehlo akho ehlale esemgwaqweni ngaso sonke isikhathi.
- Sebenzisa umgwaqo ucabangele nabanye abantu uqaphele nabahamba ngezinyawo.
- Gcina ibanga elanele phakathi kwakho nemoto oyilandelayo.
- Dlula imoto ephambi kwakho uma kuphephile.