INKAMPANI yamaloli ehlonishwa kakhulu kuleli i-UD Trucks isingene kwezokuthutha umphakathi kuwo lo mkhakha wezokuthutha ngochungechunge olusha lwamabhasi.
Le nkampani imeme abatshali zimali nabezindaba emcimbini wokwethulwa kwe-UD Croner Bus ngoLwesine eZimbali, eThekwini.
Zimbili izinhlobo zamabhasi okuthutha umphakathi, kukhona i-PKE 280 ethatha abagibeli abangu-65 abahleli nabangu-10 abamile ne-LKE 210 okuthiwa ifanelwe wukusebenza ezindaweni zasemakhaya ethatha abagibeli abangu-40 abahleli nabangu-12 abamile.
Iphini likamengameli wezokudayisa uMnuz Jacques Michel lithe lolu chungechunge lwamabhasi amasha luyimpendulo yezidingo zokuthutha e-Afrika yonkana ngoba kubhekelwe ngqo izidingo zabagibeli.
“Ukwanda kwesidingo sezinsiza zokuthutha ezisimeme nezenza abagibeli banethezeke ngesikhathi behamba ngazo yikona okusenze saqala umsebenzi ofana nalona eminyakeni embalwa edlule. Imiphumela yalo msebenzi kube yilona leli bhasi eliyimpendulo efanelekile esidingweni sase-Afrika sokugibela okongayo, okusimeme nokuzonciphisa ukukhiqizwa komoya ongcolile,” kusho uMichel.
Umqondisi jikelele wale nkampani uMnuz Filip van den Heede uthe lesi yisikhathi esihle kakhulu enkampanini yabo njengoba beqala ikhasi elisha emsebenzini wabo.
“Siyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi wethu ngalolu chungechunge lweCroner Bus ngoba lusahamba ngalo unyawo lwalapha ekhaya ngesimiso, ukwakhiwa nokuqinisekisa ukuthembeka komkhiqizo wethu,” kusho yena.
Ngesikhathi kwethulwa la mabhasi, abezindaba nezimenywa bathole ithuba lokuwagibela beboniswa nobuhle bendawo yomntakabani iZimbali lapho abe-UD Trucks befuna ukuzwisa kahle umphakathi ukuthi baqinisile ngobuntofontofo bebhasi, ubuhle kanjalo nokuphepha.