IMOTO: RENAULT KIGER
KUPHELILE ngeRenault Sandero eNingizimu Afrika njengoba sekwethulwe entsha iKiger engena esikhaleni sayo.
Abathengi bayazifela ngamaSUV futhi lawo amancane yiwo ayinyama nokuyilapho iKiger ingena khona. Izobanga abathengi neNissan Magnite eyakhiwa ndawonye nayo e-India, Toyota Urban Cruiser, Suzuki Vitara Brezza nezinye.
Izimoto ezincane zakwaRenault, okuyiKwid neTriber, zenza kahle emakethe futhi neKiger kubhekwe ukuthi iqhubeke lapho ngendlela ebukeka ngayo, izinto enazo nentengo yayo.
Ithe ukuphakama kancane ukuze umgwaqo uwubone kahle uma uphakathi. Ihlukene ngezinhlobo ezintathu, okuyiLife, Zen ne-Intens. Amasondo angu-16", kwenye kukhona amakhava bese kuthi kwenye kube namarimu amahle.
InamaLED daytime running light nama-headlamp.
Uma ungena ngaphakathi yilapho ubona khona ukuthi inonele khona ngoba ivuleke kahle, ezinye izimbangi ingazidlisela ogageni.
Abagibeli bahlala kahle ngaphambili nangemuva kuphinde kube nesikhala esikhulu ebhuthini. Ibhuthi ingu-405 litres futhi uma ulalise izihlalo, isikhala sifinyelela ku-879 litres.
Ngaphakathi uzofica izinto ezifana ne-8 inch touchscreen infotainment system egqame kahle, okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo. Inekhamera eveza ingemuva, uyidumisa ngebhathini, amawindi kagesi, aircon nokunye.
Izinjini ziyalingana kodwa umehluko ukuthi kukhona ene-turbo nengenayo.
Kukhona engu-1.0l engenayo i-turbo, enamandla angu-52kW ne-torque engu-96Nm. Le three cylinder uyithola ngo-gearbox oshintshwayo oyi-5 speed okanye ozishintshayo oyi-AMT. Uma uhamba ngayo iphelelwa amandla nokudinga ulokhu wehlisa amagiya ukuze uzame ukubamba ijubane.
Ene-turbo yona inamandla angu-74kW ne-torque engu-160Nm. Nayo ino-gearbox oyi-5 speed manual okanye ozishintshayo oyiCVT. Uma unamandla, yiyo okumele uyikhethe ngenxa yokuthi ayisokoli emgwaqeni. Uma uyinyathela uyayizwa ihamba futhi nasemgwaqeni asikho isidingo sokulokhu unciphisa amagiya ngoba ufuna ukulokhu ubambe u-120km/h emgwaqeni ovulekile.
Ezokuphepha zihlanganisa amabhreki e-ABS ne-EBD, Electronic Stability Program, ama-airbag amane ngaphakathi nama-sensor asiza uma upaka ngemuva.
Intengo:
KIGER Life - R199 900
KIGER Zen - R214 900
KIGER Zen - R224 900
KIGER Zen - R249 900
KIGER Intens - R269 900
KIGER Intens - R289 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km bese kuthi i-Intens ibe neyeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.