UMPETHA wezimoto zomjaho oseneminyaka ekulo mdlalo uGiniel de Villiers uzwe amandla eToyota GR Yaris ezokwethulwa eNingizimu Afrika maduze.
UGiniel, oseke wanqoba izicoco eziningi emjahweni wakuleli neseDarak Rally, ubevivinya iGR Yaris enkundleni yezimoto zomjaho iKillarney International Raceway, eKapa muva nje.
IGR Yaris inenjini engu-1.6 litre turbocharged eyithree-cylinder kaphethroli. Ifuqa amandla angu-200kW netorque engu-370Nm. Idonsa ngawo womane amasondo futhi bathi ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemuzuzwana engu-5.2.
NgoJuni 30 izokwethulwa ngokusemthethweni kwabezindaba lapho sizothola khona ithuba lokuyizwa amandla nemininingwane ephelele ngayo bese sikubukela ngayo kuyo le ngosi.