KUSALE kunuka ithayi kuklwebheke phansi ngempelasonto eMphelankani, eMsinga, lapho bekunomcmbi waminyaka yonke iMsinga Driftkhana.
KUSALE kunuka ithayi kukwebheke phansi ngempelasonto eMphelankani, eMsinga, lapho bekunomcmbi waminyaka yonke iMsinga Driftkhana.
Lo mcimbi ubugubha iminyaka engu-10 wasungulwa. Kuwona abashayeli basuke beshaya izidudla bebuye bechushe nasemathayini asuke ebekiwe enkundleni.
Phakathi kwabashayeli abebekhona kubalwa kubo iTeam 4 Pipe ebidlala ngamaBMW M4 Competition, M3 Competition neMercedes-AMG C63. Umsunguli womcimbi uSmanga Mabaso naye ubengazibekile phansi ephendula iM4 Competition yakhe.
Abanye abashayeli abebekhona kubalwa kubo uSkhotheni, Team Sanuki, Preshu nabanye.
Umphathi wohlelo bekunguThemba Phungula obelokhu ebabize njalo abashayeli.
Yize abantu bebephume ngobuningi babo kodwa isikalo besibekwe ku-500 ngokwemithetho elawula ukubhebhetheka kweCovid-19.
Umcimbi uvalwe ngedili lomcimbi obekudlala kulo uDJ Happy Gal noDJ BZ nokuthe ngakusasa baqhubeka kwi-picnic ebikhona eMphelankani. Ipicnic iqale ngemuva kokuthi uMabaso, obegubha iminyaka engu-50 azalwa, enikele ngamaphasela angu-100 okudla emindenini eyahlukene yasendaweni.