IVOLKSWAGEN ithembisa ukuthi i-Amarok entsha izobe igabe ngenqwaba yobuchwepheshe obusiza umshayeli.
Lokhu ikusho ngesikhathi iveza izithombe ezikhombisa kancane ukuthi i-Amarok izobukeka kanjani.
Ithe bonke lobu buchwepheshe ngeke buyiphazamise indlela ehamba ngayo ogwadule ngoba izokwazi ukumelana nanoma yiziphi izimo.
I-Amarok izokwakhiwa efemini yakwaFord eSilverton, ePitoli, lapho kwakhiwa khona iFord Ranger njengoba zizobe zinezinto ezifanayo ngazo kwazise lezi zinkampani zasayina isivumelwano sokusebenzisana.
IFord Ranger entsha isanda kwethulwa emhlabeni jikelele futhi kulindeleke ukuthi iqale ukudayisa kusuka ngonyaka ozayo kanjalo ne-Amarok entsha.
IVolkswagen ithe i-Amarok yehlukile indlela ebukeka ngayo ngaphakathi futhi inenqwaba yezinto efika nazo.
“Yenza izinto zibe lula kubasebenzisi bayo ngokubasiza emsebenzini noma nje empilweni yansuku zonke,” kusho uLars Krause oyilungu lebhodi labaphathi kwaVolkswagen Commercial Vehicles ophikweni lezokudayisa nokumaketha.
I-Amarok isidayise kusuka ngo-2010 futhi sekudayiswe angaphezulu kuka-800 000 emhlabeni jikelele. Ngaphandle kwakuleli, izokwakhiwa nasePacheco, e-Argentina.